KUNEMVUNGE ngeMeya kaMasipala waseMsinga emisiwe, uMnuz Mletheni Ndlovu, okuthiwa igcaluza emahhovisi omkhandlu.
UNdlovu umiswe ngenyanga edlule yiqembu lakhe i-IFP, ngemuva kokuboshelwa icala lesibhamu nabaqaphi bakhe.
Imithombo emibili engaphakathi kuMasipala eMsinga, ithinte iSolezwe ngeSonto, ikhononda ngokuthi uNdlovu uyazicanasela emahhovisi omkhandlu. Imithombo ithi akwaziwa ukuthi uNdlovu usuke ezokwenzani ngoba umisiwe.
‘’Uyafika njalo ngabo-2 aze ahambe ntambama, uke wafika nje wathatha imoto yomkhandlu wanqaba nokuyisayinela wahamba ngayo. Ngiyasola abaqaphi bomkhandlu basabile ukumvimba ngoba uphume ngayo bebuka,’’ kusho umthombo.
Ethintwa uNdlovu, uvumile ukuthi uyaya emahhovisi kodwa akasebenzi.
“Akushiwongo ukuthi ngingasondeli emahhovisi kodwa kwathiwa angingasebenzi. Umkami usebenza lapha kumasipala, ngeke ngingayi kuyena. Angikhumbuli ukuthi incwadi yathi angingayi emahhovisi. Okwemoto kungamanga aluhlaza angikaze ngiyithathe,’’ kuchaza uNdlovu.
IMenenja kaMasipala waseMsinga uMnuz Senzo Sokhela, ithe ayikaze iwuthole umbiko ngoba ibengekho ehhovisi ihambe ngokomsebenzi. USokhela uthe uke wakubona kubhalwe kuFacebook, ukuthi imeya iyaya emahhovisi.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe abakaze babikelwe ngodaba kodwa ikomiti elilusa ukusebenza kwabajutshiwe lizoluphenya udaba. Akaphumelanga obala kwelokuthi uNdlovu uvunyelwe yini ukungena emahhovisi.
UNdlovu waboshwa namakhansela uMnuz Mhawukeleni Sokhela, noMnuz Thokozani Sokhela. Ungaphandle ngebheyili kaR 10 000 ayithola eNkantolo yeMantshi eMsinga, ethweswe icala lokwehluleka wukubeka kahle isibhamu. Abaqaphi baboshelwe ukutholakala nezibhamu kungafanele baziphathe.
Kulindeleke ukuthi uNdlovu abuyele eNkantolo yeMantshi eMsinga ngoNovemba 21, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka. Ngaphambi kokuboshwa kukaNdlovu, wangena ehlazweni eyamaniswa nokubulawa kwekhansela lakuwadi 11 uMnuz Siyanda Magubane, owadutshulwa ehamba ngemoto yakhe.