UKUVELA kwesixaxa samaqembu ahlangane ngenhloso yokuthela othulini i-ANC, kuzolujiyisa kakhulu ukhetho lwangonyaka ozayo oluthathwa njengoluzohluka kakhulu. Uhulumeni uma uvotelwe unikezwa isikhathi esiyiminyaka emihlanu bese kuphinda kuvotwa kabusha. Elakuleli ligcine ukuya okhethweni ngo2019 nokusho ukuthi kufanele kuvotwe kabusha ngonyaka ozayo.
I-DA ihlangene namaqembu i-IFP, Freedom Front Plus , United Independent Movement, ActionSA neSpectrum National Party bathi bazimisele ngokugingqa i-ANC.
Nakuba ekhona amanye amaqembu abehambela imihlanganao yesixaxa kodwa awakathathi isinqumo ngokuthi azokwazi yini ukuba yingxenye yaso.
Isixaxa samaqembu simemezele ukuthi sizimisele ngokuhlangana siqhamuke neqhinga lokukhipha i-ANC emandleni ngonyaka ozayo uma sekuvotwa. Ingqungquthela yabo enkulu izoba ngo-Agasti 16 kuya ku17, e-Emperor’s Palace, eKempton Park, eGauteng. Indawo okuzobe kuhlangenwe kuyona yilapho okwakuhleli khona izingxoxo zeConvention for Democratic South Africa (CODESA).
Izingxoxo zeCODESA zaba phakathi kuka1990 kuya ku1994 lapho kwakuxoxwa khona ngokuthi izwe lingangena yini embusweni wentando yabantu nokuyinto eyagcina yenzekile. Ukukhethwa kwale ndawo nakho kwenziwe ngamabomu futhi kusho okuthile ngokwezepolitiki ngoba yindawo ebalulekile emlandweni wezwe.
I-ANC yiyona ephethe izwe kusukela ngo1994 nokuchaza ukuthi isineminyaka engu29 isezintanjeni zombuso. Okhethweni lukazwelonke lokugcina ngo2019, i-ANC yanqoba ngo57% yathola izihlalo ezingu230 ePhalamende. Yalandelwa yi-DA ngo20.77% yathola izihlalo ezingu84 ePhalamende.
I-EFF yathola 10.79% yabuya nezihlalo ezingu44 ePhalamende. I-IFP yathola 3.38% yabuya nezihlalo ezingu14 ePhalamende. IFreedom Front Plus yaba ngeyesihlanu ithola 2.38% yabuya nezihlalo eziyishumi. I-ActionSA ayikameleleki ePhalamende, i-United Independent Movement ne Spectrum National Party abaveli ohlwini lwasePhalamende.
Uma kuyiwa okhethweni iqembu ukuze liphathe uhulumeni kusuke kufanele lithole ukwesekwa abavoti kwedlule ku50% nokukhomba ukuwina ngengcaca. Uma kwenzeka lingabibikho iqembu elinqobayo ngokucacaile, kusuke kukhona ithuba lokuthi amaqembu abuse ngokubambisana. Lokhu kwenzekile ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya.
Isixaxa samaqembu esitatimendeni saso sichaze kabanzi ngesinqumo saso sokuhlangana nezinhloso zaso. Sithi sivula nje isitatimende sibe siveza ukuthi isixaxa samaqembu sihlose ukuveza amathuba amasha kubantu bakuleli okukhipha i-ANC emandleni ombuso.
Isixaxa siveza ukuthi sizimisele ukukhipha inyumbazana i-ANC ne-EFF. Isixaxa sithi sekucacaile ukuthi i-ANC iyehluleka wukuphatha izwe nokulikhipha ezinkingeni elikuzona. Sikholwa wukuthi abantu bakuleli bakhathazekile ngekusasa lezwe, badinga ongase abanike ithemba nesiqiniseko.
Bathini abahlaziyi ngesixaxa samaqembu ?
USolwazi Bheki Mngomezulu wase-University of Western Cape, uthe uma usibuka ukude isixaxa ungaze wethuke kodwa uma usicubungula kahle ayikho indaba yaso.
“ Okokuqala wukuthi akuwona wonke amaqembu aphikisayo ayingxenye yesixaxa, mancane kakhulu amaqembu angenile kusona. Into engalimaza i-ANC wukuthi abantu bangayi ukuyovota bese kwehla isibalo samavoti ayo,’’ kusho uMngomezulu.
Uthe okwesibili okuzodala isixaxa singathembeki wukuthi kukhona amaqembu kusona ayefungile ukuthi ngeke ahlangane. UMngomezulu ukhale kakhulu ngoMnuz Herman Mashaba umholi we-ActionSA.
“ UMashaba ephuma kwi-DA wafunga wagomela wathi akasafuni lutho olumhlanganisa nayo kodwa ubonakala esexoxa nayo. Kumveza njengomuntu obuye angathembeki ezintweni azishoyo,’’ kuchaza uMngomezulu.
Uthe uma kungase kwenzeke isixaxa samaqembu sinqobe singene emandleni, inkinga izoba khona ngoba okubahlanganisile wukuzonda i-ANC. Uthe uma kwenzeka i-ANC ihluleka wukunqoba izoshoda kancane. Uthe kufanele abantu bangakholwa wukuthi kukhona i-EFF nayo ebukeka inawo amandla.
“ I-ANC uma uyibheka ayiphambani kakhulu ne-EFF ngokwemigomo nokungenza kube lula ukuhlangana babambisane ngoba sebeke baba nezingxoxo eGauteng nakwezinye izindawo,’’ kuchaza uMngomezulu.
Omunye umhlaziyi, uMnuz Thabani Khumalo, uthe uyasola ukuthi i-DA ifuna ukusebenzisa amanye amaqembu ukuze iphakame ingene emandleni.
“ I-DA iyawafuna amandla kodwa iyazi kahle ukuthi akulula ukuwathola, kufanele iqhamuke nelinye iqhinga. Ilinyazwa yilokhu ukuthi yaziwa njengeqembu elimele abelungu. Angiboni ukuthi isixaxa sinawo amathuba okuphumelela,’’ kusho uKhumalo.
UKhumalo uthe kuyinto ebonakalayo ukuthi i-ANC isenkingeni enkulu njengoba kubhekwe okhethweni kodwa inawo amathuba okubuya.
“ I-ANC inamathuba okubuya emandleni ngoba alikho iqembu elicacile elibonakala lingaba yithemba labavoti. i-ANC nayo ibukeka sengathi ayinalo iqhinga elicacaile ngendaba yokhetho njengoba isibalo samavoti ayo sehla kangaka,’’ kusho uKhumalo.
Uthe i-ANC lapho ebukeka izoba nenkinga khona kakhulu kuKwaZulu-Natal ngoba ibambene ngezihluthu ne-IFP engase iyiphazamise. Kwenzeka konke lokhu nje amaqembu ngokwehlukana kwawo asazokwethula osomqulu bawo nemiyalezo yokhetho lapho okuzocaca khona ukuthi athembisani.
Kulapho abantu abazothola khona ithuba lokulalela bese bethatha isinqumo sokuthi bavotela liphi iqembu elikhulume kwezwakala.