KUCISHE kwadungeka umcimbi wokwethwesa iziqu izitshudeni ezenza i-Electrical Engineering eThekwini TVET College ngesikhathi ezinye zazo zibhikisha, ziphosa namatshe kuwo wonke umuntu obesondela kulesi sikhungo.
UMengameli wesigungu esihola izitshudeni eThekwini TVET College, uMesuli Nzimande uthe zikhala ngemali kaNsfas ezingayitholile.
Azigcini lapho zibala ukufeyila uma zingaphasanga izifundo eziyisithupha kweziyisikhombisa ezizenzayo nokuthi imali yokubhala kabusha izifundo ezizifeyilile inkulu kakhulu.
Uthe kusasa (namuhla) bazoba nomhlangano nothishomkhulu nobunye ubuholi bekolishi ukuhlahla indlela eya phambili.
Kulimale isitshudeni esisodwa nabasebenzi bekolishi ababili kulo mbhikisho.
Umcimbi wokwethwesa iziqu izitshudeni uze waqala sekushaye u-12 ngenxa yokuthi bekusabizwe amaphoyisa ukuzosombulula isimo nonogada besikhungo bebeqaphile.
Uthishomkhulu waseThekwini TVET College, uMnuz Nkosinathi Mchunu uthe umcimbi uqale sekudlule isikhathi ngenxa yesiteleka ebesingaphezu kwamandla abo.
Uye washesha nokuhamba ngoba ethi usayothola ikhambi lesiteleka.
Uthe uhlelo lokuqeqesha izitshudeni baluqale ngo-2018 usuzophela kodwa baphazamiseka ngezikhathi zeCovid-19.
Uveze ukuthi kuke kwaba neziqubu lapho izitshudeni bezikade zingafunwa ezinkampanini eziqeqeshela umsebenzi ngenxa yeCovid-19, kodwa bakwazi ukudlula kuleso sigaba.
“Nami ngaqala njengani ngaqhubeka nokufunda. Uma uneziqu zikagesi uyakwazi ukukhetha umunxa othile ugxile kuwona ukuze uziphilise.
“Iziqu zenu zisho ukuthi senizokwazi ukuzitholela amathuba omsebenzi noma nivule izinkampani zenu, niqashe abanye abantu.
“Abantu banezindlu abazakhayo ezidinga ugesi, izwe linenkinga yokunqamuka kukagesi, kufanele nize nezisombululo. Kunabantu abafaka ama-solar nani kufanele nibe matasa lapho,” kusho uMchunu.
Uthe izitshudeni ngeke zihambe neziqu kuphela kodwa zizonikwa nama-multi meter azozisiza ukuhlola ugesi lapho zizobe zisebenza khona.
Ubalule ukuthi uma usebenza ngogesi awuvele nje uthinte kodwa uqale uhlole ukuthi kunogesi ongakanani nokuyinto ecacisayo ukuthi kumele usebenze kanjani.
Ubonge abafundi ngokubekezela njengoba bekunezingqinamba eziningi ngaphambi kokuthi bathole iziqu zabo.
UNksz Lungelo Kubheka othole iziqu, uthe njengamanje usebenza ukunakekela elinye lamabhilidi eThekwini futhi uyajabula ngoba useziphethe iziqu zakhe.
UNkk Carminee Ramchunder we-Health and Welfare Sector Education and Training (Hwseta), uthe bahlale bekuthokozela ukusebenza nezikhungo zemfundo ephakeme ukunikeza izitshudeni amakhono okuziphilisa.