SEKUPHENDUKE insakavukela umchilo wesidwaba ukuthi njalo uma kuvulwa izikhungo zemfundo ephakeme, kube nemibhikisho yezitshudeni, kwesinye isikhathi ehambisana nokucekelwa phansi kwempahla kulezi zikhungo.
Ngalesi sikhathi izikhungo zandisa onogada abazimele, zigqigqa ezinkantolo zithole incwadi evimbela izitshudeni ukuthi zibhikishe, ukuze zingacekeli phansi impahla.
Umonakalo odalwa yilezi ziteleka ushaya ephaketheni izikhungo ngoba kusuke kuzobiza imali eshisiwe uma sekulungiswa impahla ecekelwe phansi.
Okusuke kuseqhulwini lwezikhalazo zezitshudeni, phakathi kokunye kuthinta isikhwama esixhasa ngemali yokufunda iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
Noma izikhungo zingazama kanjani ukuxazulula le nkinga ngaphambi kokuba kuvulwe, kodwa umsindo uhlale uzosuka.
Izitshudeni zisuke zikhala ngokuthi azilutholanga uxhaso, ezinye azikaphendulwa kwaze kwavulwa, okwenza ukuthi zingakwazi ukubhalisa. Muva nje isikhalo kube ngukuhamba kancane kohlelo lwezikhungo lokuthi zihambise uhlu lwezitshudeni ezizobhaliswa ukuze zikwazi ukuthola uxhaso.
Indaba egudwini kube nawuhlelo olusha lwalesi sikhwama lokuthi luzame ukuzitholela ngqo izindawo zokuhlala izitshudeni.
Obekukhalisa abaphathi balesi sikhwama ngukuthi kwesinye isikhathi kuba nenkohlakalo yokusebenzisana phakathi kwezikhungo nabahlinzeka ngezindawo zokuhlala.
Kokunye izitshudeni zigcine zihlala ezindaweni ezingekho ezingeni elifanele ekubeni zikhokhelwa imali eshisiwe.
Yingakho abalesi sikhwama beqale uhlelo lokuzihlola lezi zindawo bese bezigunyaza. Lokhu kususe omkhulu umsindo ngoba namanje kukhona abebekhala ngokuthi balala endle ngenxa yokuthi akukhokhiwe.
Lesi sikhwama siveze ukuthi sithole izicelo ezingu-1.9 million zoxhaso kulo nyaka kanti bangu-1.2 million asebexhasiwe.
Sisebenze ukuthi izitshudeni ezibalelwa ku-243 113 zichithiwe, kanti zingu-15 174 ezifuna kubuyekezwe izicelo zokuchithwa kwazo.
Ohlelweni olusha lwalo nyaka lokuboleka imali yokufunda olwaziwa nge-missing middle, abazali babo abahola kakhulu abangakwazi ukuthola umfundaze abangawukhokhi uma sebesebenza, kuvele ukuthi zingu-30 728 izitshudeni ezifake izicelo.
Lezi zitshudeni zizoyibuyisa imali ezixhaswe ngayo uma seziphothule izifundo zazo.
Izitshudeni eziningi zikhale nangohlelo lokuthi imihlomulo yazo ikhokhwe yizinkampani ezine, ezaqokwa yilesi sikhwama nyakenye.
Lezi zinkampani kunezinhlelo zokuthi kunqanyulwe izinkontileka zazo njengoba uphenyo olwenziwa yinkampani yabameli lwaveza ukuthi kwaba nokungenelela ngesikhathi sezinikwa lo msebenzi. Kulokhu kusolwa isikhulu salesi sikhwama esakhonjwa indlela.
Inhlangano emele imikhandlu yezitshudeni iSouth African Union of Students’ (SAUS), yathi ayifuni kube nokuphazamiseka ukukhokhwa kwale mihlomulo njengoba lezi zinkampani kulindeleke ukuthi ziqhubeke nalo msebenzi wokukhokha le mihlomulo ngo-Ephreli kulo nyaka.
Okwamanje umsebenzi wokukhokhwa kwemihlomulo ubekwe emahlombe ezikhungo.
Okhulumela iSAUS uMnuz Asive Dlanjwa uveze ukuthi zisekhona izinkinga ngezitshudeni ezingakazitholi izimfanelo.
Uveze ukuthi basakuchitha ukukhokhwa kwemihlomulo yilezi zinkampani, wathi kodwa ngoba kunezinhlelo zokuthi zinqanyulelwe izinkontileka ngendlela esemthethweni, abafuni kube nokuphazamiseka ekutheni izitshudeni zithole izimfanelo zazo nyanga zonke.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, uhlale ekucacisa ukuthi kunezinselelo kulesi sikhwama wathi kodwa mkhulu umsebenzi esiwenzayo.
UDkt Nzimande ephendula imibuzo ePhalamende muva nje ukuvezile ukuthi lesi sikhwama sengezelwe omunye umthwalo njengoba sesibhekele nohlelo lokuboleka izitshudeni imali yokufunda.
Ubalule ukuthi enye yezinto eyenza luhambe kancane uhlelo lokukhishwa kwemali yoxhaso ngukuthi kumele kulandelwe yonke imigomo, izitshudeni zisayine imiqingo yokuzibophezela ngoba ngezinye zezinto ezisuke zidingeka ukuze umuntu athole uxhaso.
Odabeni lwezindawo zokuhlala, uthe abakwazi ukumane bakhiphe imali bakhokhele izindawo abangakaze bazibone ukuthi zisezingeni elifanelekile.
.