ISILO uMisuzulu kaZwelithini, sithi sisadla amathambo engqondo ngesinqumo senkantolo esithinta ukunikwa kwaso isitifiketi sobukhosi. IJaji Norman Davis, laseNkantolo eNkulu eNorth Gauteng, likhiphe isinqumo lichitha uMengameli Cyril Ramaphosa.
Umbango wesihlalo seSilo waqubuka emuva kokuthi kukhotheme esidala ngoMashi 2021. ISilo salandelana eduze noNdlunkulu uMantfombi Madlamini-Zulu.
Icala lalifakwe wuMntwana uMbonisi kaBhekuzulu ongumfowabo weSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu. Ubecele inkantolo ibheke ukuthi kwaba semthethweni yini ukunikwa kweSilo isitifiketi.
IJaji lithi uRamaphosa akalandelanga imigudu efanele enika iSilo isitifiketi. Okhulumela iSilo, uMntwana u-Afrika wendlu yasoNkweni, uthe iSilo sizwile ngesinqumo. Uthe kodwa ngeke bathande ukwanda kakhulu.
“Ihhovisi leNgonyama liyasazi isinqumo senkantolo esikhishwe yiJaji Davis ngoMsombuluko. ISilo, yithimba laso lezomthetho nabadala basendlunkulu basacubungula isinqumo ukuze baphume negama ngegxathu okufanele lithathwe,’’ kusho u-Afrika.
URamaphosa uke wabuzwa ngabezindaba ngalolu daba, uthe uyazi ngesinqumo senkantolo kodwa akafuni ukwanda kakhulu ngaso. Uthe wudaba lwaseNdlunkulu kaZulu okufanele lusingathwe yiyona.
URamaphosa uthe naye uzobonisana nabameli bakhe kodwa wanxusa ukuthi kungabi wudaba oluzodala izinkinga, noma umsindo. Isinqumo senkantolo sikubeka kucace ukuthi umbango wokuthi wubani iSilo, ubungahlangene nalolu daba.
Ijaji lize lisho nokuthi udaba lokuthi wubani iSilo lwafakwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu lwaqedwa. Besingekho isidingo sokukhuluma ngalo. Ijaji liyalele uRamaphosa ukuthi abuyele emuva, kuqokwe ikomiti elizosebenza udaba lwasendlunkulu.