SIKHULU isililo kulandela ukubulawa koqweqwe lukathisha obefundisa iPhysical Science esikoleni esiseNewlands West, uMnuz Mohlala (29).
UMnuz Mohlala (igama lakhe elingatholakalanga) kuthiwa wahlaselwa yizigebengu ngoMgqibelo epake ngaphandle kwendawo yokucima ukoma eNewlands.
Kuthiwa izigebengu zazihlose ukumphuca imoto yakhe. Kwathi uma zenza lobu bugebengu, zamdubula esifubeni ngaphambi kokuba zishaye zichithe nemoto yakhe.
Umufi ungowokudabuka eLimpopo kanti eNewlands ubehlala khona ngokomsebenzi.
Ekhasini lesikole leFacebook kubhalwe ukuthi othisha bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokubulawa kukamufi.
“Ubenguthisha wethu wePhysical Science aphinde abe yinhloko yeScience neMathematics. UMohlala ushone emva kokudutshulwa ngoMgqibelo ngesikhathi izigebengu zimphuca imoto,” kusho isikole.
Siqhube sathi sengathi kungenzeka ubulungiswa ngokubulawa kwakhe, ababulali babanjwe.
Siphethe ngelithi sidlulisa amazwi enduduzo kubo bonke ebebemazi umufi.
Bekungena abafundi nabazali bezwakalisa ukulahlekelwa ngokushona kukaMohlala, bethi abakholwa ukuthi bayophinde bamthole uthisha obenothando ngomsebenzi wakhe njengomufi.
Uthishanhloko wesikole walile ukuphawula, wathi ubuholi besikole abuvumelekile ukukhuluma nabezindaba.
Uyalele intatheli ukuthi ibe yingxenye yenkonzo yesikhumbuzo namuhla ukuze izozizwela ukuthi izikhulumi ziphawula zithini ngomufi.
Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal iphunzile. Izingcingo zezikhulumi zomnyango bezikhala zingabanjwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNewlands East aphenya icala lokubulala kulandela isigameko lapho owesilisa oneminyaka engu-29 edutshulwe wabulawa ngoMgqibelo.
“Isigameko senzeke emgwaqeni uWestrich Drive eNewlands. Kusolakala ukuthi umgilwa ubehleli emotweni yakhe ngesikhathi kusondela kuye owesilisa ongaziwa ezomphuca imoto. Umdubule esifubeni washonela endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi abaleke nemoto yakhe,” kusho uConst Ngcobo.