AYOYIZEKELA amagwababa echobana amantombazane amabili, eneminyaka eyisikhombisa neyisishiyagalolunye.
Kuthiwa athunjwe edlala kubo, ayodlwengulwa ubusuku bonke maqede ayolaxazwa ndawana thize.
Amaphoyisa asesifundazweni iMpumalanga, athungatha izinswelaboya ezisolwa ngokuhlukumeza omuntuza.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uColonel Donald Mdhluli, uthe izingane ezingenacala, zizwe ubuhlungu ezingasoze zabulibala empilweni yazo, zidlwengulwa ubusuku bonke.
"Lokhu kwenzeke emuva kokuba amantombazane amabili enyamalele ngoMgqibelo wangoMashi 30, ekhaya labazali bawo elisendaweni yaseVosman, eduze kwaseWitbank."
Amaphoyisa athe isigameko esinyantisa igazi sithuthumelise amalungu omphakathi.
"Abazali baqale ukushaya amakhala ngokunyamalala kwalezi zingane emuva kokungatholakali kwazo lapho bezigcinwe zidlala khona.
“Babe sebazisa amaphoyisa okuyiwo avule idokodo labantu abalahlekile ukuze kuphenywe. Kube sekuphunywa inqina kuyokuthungathwa kwabagilwa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya," kuchaza uMdhluli.
Ngakusasa ngeSonto amaphoyisa asesiteshini sasePhola, abikelwe ukuthi izingane sezitholakele kodwa sekunezimpawu zokuthi zinukubeziwe ngokocansi.
"Ukutholakala kwezingane kube wusizo loMsamariya olungileyo, ozifice zidwanguza lapho zidalakaxwe khona ngumdlwenguli. Uzishiye dengwane ukuba zizibonele njengamachwane emuva kokuzivalela ubusuku bonke," kusho uMdhluli.
Uthe uMsamariya olungileyo ufice izingane zingqangqazela emuva kwesigameko esizehlele nangamakhaza ashubisa umnkantsha ngoba bezingawahlomele amakhaza ngezingubo ebezizigqokile.
Uqhube wathi amaphoyisa aphenya ngamacala odlame emndenini, ukuvikelwa kwezingane nokunukubezwa ngokocansi.
Uthe anxusa noma ngubani ongaba nomkhondo wezinswelaboya ukuba afonele uSergeant Zinhle Mathenjwa ku-072 792 0691 noma afonele ku-08600 10111.