IMANGOSUTHU University of Technology (MUT), isixwayise abafaka izicelo zokuthola izikhala zokufunda kule nyuvesi, ukuthi baqaphele amaqola azama ukubagebenga imali ngethemba lokuthi bazobatholela izikhala zokufunda.
Umyalezo othunyelwe ekhasini lenyuvesi uveza ukuthi abenza lo mkhuba, baheha abafaka izicelo ukuthi bakhokhe imali ukuze bathole izikhala zokufunda besebenzisa izindlela ezehlukene okubalwa ne-E Wallet, Money Send nokukhokha ezitolo uSpar noShoprite.
Kuthiwa abenza lokhu basebenzisa inkundla yezokuxhumana i-WhatsApp.
Inyuvesi ithe ayizisebenzisi zonke lezi zinhlelo uma kukhokhwa kulesi sikhungo.
“Abenza lo mkhonyovu abasebenzeli inyuvesi ngoba ayizisebenzisi lezi zinhlelo uma kukhokhelwa izikhala zokufunda. Izikhala zitholakala ngokuthi ufake isicelo kwi-Central Applications Office (CAO), usebenzisa imiphumela yakwaGrade 12. Sifuna ukuxwayisa abazokhokha besebenzisa lezi zinhlelo ukuthi ngeke bazithole izikhala ngoba imali isuke ingayi enyuvesi,” kushoisixwayiso.
Sibuye sabalula ukuthi isikhungo asixhumani nabafake izicelo kusetshenziswa inkundla i-WhatsApp.
“Sixhumana nabafake izicelo sisebenzisa inombolo yocingo umuntu asuke efake ngayo isicelo kwi-CAO. Imali yaseMUT ikhokhwa ebhange i-Absa kuphela.”
Kuxwayiswe nangokuthi abafaka izikhala bangakhokheli muntu imali noma kuthiwa isitshudeni noma umsebenzi wakule nyuvesi ukuze bathole izikhala zokufunda.
“Sinxusa abaziyo ngalabo abafuna imali kulabo abafuna izikhala zokufunda enyuvesi ukuthi babampimpe. Bangabika ku:0800 228 999 ngoba akuvumelekile ukugwazelwa kwezikhala zokufunda kulesi sikhungo,” kusho umyalezo.