BANIKEZWE isexwayiso esishubile abagovuza umbhikisho okuhloswe ngawo ukuba kuphoqwe uMengameli, uCyril Ramaphosa, ukuba ehle esikhundleni.
Uhulumeni uthe bazoyikhotha imbenge yomile abazozama ukuphazamisa ukusebenza kwezwe babhikishe.
Ikhwelo lokuba uRamaphosa ehle esikhundleni liqale emva kwenkulumo yakhe ehunyushwe ngokuthi uvumela abaseNigeria ukuba bathutheleke ngobuningi kuleli.
Ngeledlule uRamaphosa umemezele ukugxegiswa kwemigomo ebekelwe abaseNigeria abafuna ukuvakashela kuleli.
URamaphosa uthe abaseNigeria abafuna ukuza kuleli sebezovumeleka ukuthi benze izicelo ze-visa ngaphandle kokuthi baze baphathe ama-passport abo.
Le nkulumo icasule abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, kwaze kwaba nekhwelo lokuba kube nombhikisho namhlanje, ozokube umayelana nokuthi uRamaphosa ehle esikhundleni.
Embhalweni ofakwe ezinkundleni zokuxhumana, uhulumeni wakuleli uxwayise abagqugquzela umbhikisho ngokuthi bazowukhomba umuzi onotshwala.
“Siliqaphelile ikhwelo lokuba kumiswe nse ukusebenza kwezwe. Inhloso yaleli khwelo ukuthusa abantu ezweni. Njengohulumeni ngeke sivume ukuthi kube nodlame noma ukusatshiswa kwabantu okuzophazamisa imizamo yethu yokuletha uzinzo. Abazozama ukuphazamisa abanye noma abazozama ukuvala imigwaqo nokucekela phansi impahla bazobhekana nengalo yomthetho. Sinxusa abantu ukuthi babikele amaphoyisa uma bebona ukuphulwa komthetho.”
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uligxekile ikhwelo lokuba uRamaphosa ehle esikhundleni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu.
Uthe bazomvikela uRamaphosa kwabathi akehle esikhundleni.
“Lena imizamo nje yokudala uqhekeko. URamaphosa uwumengameli, wakhethwa, uzoqhubeka nokuphatha. Wakhethwa ngaphansi kwentando yabantu. Abahlasela uRamaphosa bahlasela thina sonke.”
UMbalula uthe abaphambili kuleli khwelo bahlanekezele inkulumo kaRamaphosa.
“URamaphosa akazange asho ukuthi awasezofuneka ama-passport ebantwini baseNigeria abafuna ukuza kuleli. Into ayishilo ukuthi bangakwazi ukufaka izicelo zama-visa ngaphandle kokuthi baze baveze ama-passport. Ama-passport bayobuye bawalethe uma sekufanele kuqinisekiswe yonke into.”
UMbalula unxuse uhulumeni ukuba ubathathele izinyathelo abazophula imithetho.