AHLONISHWE ngamatshe esikhumbuzo amaqhawe ayehola iMpi yaseSandlwana, okunguNgqengelele kaMnyamana Buthelezi, owayenguNdunankulu kaZulu, noTshingwayo kaMahole Khoza, owayenguMkhuzi wamabutho.
Amatshe esikhumbuzo avulwe ngoLwesine Ondini Cultural Museum, oLundi, emcimbini obuhlelwe wuMasipala wesifunda, iZululand.
Kuhlelwe uchungechunge lwemicimbi ngenhloso yokuqhakambisa iqhaza leSilo uCetshwayo kaMpande, esiteketiswa ngoJininindi omnyama.
Emcimbini iSilo uMisuzulu kaZwelithini, siphake amabutho sawabhekisa eSandlwana, nokuwuphawu lokukhumbula okwenzeka ngo-1879 mhla idibana namabutho amaNgisi, kwanqoba uZulu. Kulo nyaka kuphela iminyaka ewu144, kwaqopheka umlando eSandlwana.
ISilo sinxuse uZulu wonke ukuthi ungagudluki emlandweni wawo namagugu esizwe. Sisebenzise ithuba sabonga bonke abasesekayo njengoba kunoqhekeko endlunkulu ngombango wesihlalo.
“Kuke kwaba khona ukudideka endlunkulu futhi ngingasho ukuthi sekuphelile kodwa ngiphakamisa ukubambisana nokuba nobunye ngoba yikhona okuyosisiza,’’ kusho okaNdaba.
Ukwembulwa kwamatshe nokuthunyelwa kwamabutho bekuyisendlalelo somgubho weMpi yaseSandlwana, onamuhla eNquthu, lapho eyayibambene khona. Umcimbi wokwembulwa kwamatshe esikhumbuzo ubuzimaziswe nguNdunankulu kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi. UShenge uyingxenye yomlando ngoba uMnyamana kaNgqengelele ngukhokho wakhe wegazi. Ngasohlangothini lukaTshingwayo kaMahole Khoza, bekukhona iciko lamahubo uMbuso Khoza, emele ukhokho wakhe.
UShenge uncome amaqhawe womabili wathi asebenza kakhulu ephaka amabutho nakuba amaNgisi ayebhokile ephaka amabutho awo ngokuphindiwe. Wathi akancomi uMnyamana ngoba engukhokho wakhe kodwa uncoma ubuqhawe bakhe abukhombisa empini.
IMeya kaMasipala wesifunda iZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ibonge uMntwana wakwaPhindangene, ngokwembulwa kwamatshe esikhumbuzo samaqhawe.
“Sibonga uMntwana waKwaPhindangene ngeqhaza lakhe alibambile ngokufundisa ngalo mlando ukuze ungashabalali. Siwumasipala sizoqhubeka nokweseka iSilo esisesihlalweni, abantwana baseNdlunkulu noMntwana waKwaPhindangene,’’ kusho uMfu uButhelezi.
Kulindeleke ukuthi kuphithizele amabutho, akhuze izaga kuchitheke injobo namuhla entabeni yomlando, iSandlwana.