BAKHIPHE isexwayiso ngemvula enamandla namuhla ezindaweni ezehlukene zesifundazwe iKwaZulu-Natal abeSouth African Weather Service (SAWS).
Ngokusho kwesaziso abasifake emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana, izoba sesigabeni sesine imvula enamandla ezindaweni ezifana noThukela, Amajuba, Harry Gwala, uMzinyathi, iLembe, King Cetshwayo kanjalo noMgungundlovu.
Bathe kwezinye izingxenye zesifundazwe, kuzoba namafu, bese lithi ukufudumala, bese liba nomkhemezelo ohambisana nokuduma okungatheni.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe amathimba abo ezinhlekelele azoqhubeka nokunkanisa ezindaweni ezehlukene zesifundazwe.
Ukhumbuze izakhamuzi ukuthi imvula enamandla ibeka engcupheni abasebenzisa imigwaqo namabhuloho angahle agcwale amanzi.
Uthe nokudilika kwamakhaya nakho kugcina kuholela ekutheni abantu baphenduke ondingasithebeni.
“Izakhamuzi ziyanxuswa ukuthi ziqaphele, bese ziqinisekisa ukuthi ziyazilalela izexwayiso ezinikwa zona,” kusho uMzila.
Phakathi kwezexwayiso uthe, abantu abahlale emakhaya, bagweme ukuthatha izindlela ezingenasidingo.
Ubuye wathi kufanele bagweme nokuwela imifula, amaxhaphozi, ikakhulukazi lapho amanzi edlula khona ngenhla kwamaqakala.
“Uma imoto yakho ivimbeka emanzini, ishiye kanjalo ngokushesha, uzame ukuya endaweni ethe ukuphakama,” kusho uMzila.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal silokhu sikhahlanyezwa yizikhukhula ezigadla ziphindelela.
Ngenyanga edlule, babalelwa kwabayisikhombisa abamuka namanzi ngesikhathi kugasele izikhukhula eLamontville, ngaseMlaza.
Ngaphambi kwalokho, kwashona abahlanu KwaMakhutha naseMbumbulu, kugasele zona izikhukhula.