LIPHUMILE namhlanje Isolezwe Ngempelasonto. Okuhle ukuthi likuphathele izindaba ezishisayo futhi ozozithokozela kakhulu.
Okwakho ukuphuma uyolithenga lingaze liphele. Namhlanje sikuphathele uQeks, owaziwa kakhulu ngokungcweka nosaziwayo, okuhle akalwi kodwa amancoko nje kuphela.
UKhethukuthula Sangweni okuyintatheli yethu enohlonze ukuphathele ezithinta ipolitiki, uphinde asikhanyisele ngolimi lwesiZulu, ukusebenza kweZaga neZisho.
UThakasani Khumalo usibhekela intuthuko yomphakathi, ubehamba noNgqongqoshe wezoLimo, uMnuz Super Zuma.
Ukhona uThokozani Ndlovu ongumakadebona kwezokungcebeleka, kulokhu usihlanganisele nezithombe zemicimbi ehlukahlukene.
UNkosikhona Cele, naye usiphathele ezishisayo nezikushiya unombuzo wokuthi, engabe bekwenzenjani, phuthuma uzibonele lokhu engikushoyo.
UPhakathwayo, uCharles Khuzwayo ubesahlabe ikhefu kodwa engingakuqinisekisa ngakho ukuthi uyabuya ngesonto elizayo, kusazofiwa kakhulu.
Ngiyazi isizini yebhola isavaliwe kodwa zikhona ezemidlalo, uMalibongwe Mdletshe noSibusiso Mdlalose, basibhekela nezinye ezinohlonze, lesi isikhathi sokuvuleka kwe windi lokutheza abadlali abasha, zikhona phuthuma uyolithenga.