INKANTOLO yamaCala aDlulisiwe eseBlomfontein isinqumele ugwayi katiki inkampani iVodacom ukuthi zingapheli izinsuku ezingu-30 ingaqhamukanga nemali entsha ezoyikhokhela umsunguli wePlease Call Me, uNkosana Makate.
Lokhu kuza emva kokuba inkantolo ichithe u-R47 million iVodacom eyayithe ingakwazi ukuwukhokhela uMakate ngoPlease Call Me.
IVodacom iphinde yahlangabezana nenhlanakezela njengoba kuthiwe kuzomele ukhokhele izindleko zokudluliswa kwecala, ikhokhele nabameli abebehlalele udaba.
Umbango phakathi kukaMakate neVodacom usuqede iminyaka engu-15 ngenxa yokuthi ummangali ubekhala ngokuthi le nkampani ifuna ukumnika amakinati ngomsebenzi wakhe.
UMakate kuthiwa waqhamuka nalo mqondo wePlease Call Me ngesikhathi eseyi-Accountant esaqeqeshwa yiVodacom ngo-2000. Kulapho waqala khona lo mbango njengoba wayefuna ukukhokhelwa ngomqondo wakhe.
Ngo-2016 iNkantolo yoMthethosisekelo yamkhipha phambili uMakate ngesimangalo sakhe, yanxusa iVodacom ukuthi ixoxe naye ngesinxephezelo esingamgculisa.
IVodacom yaphakamisa u-R47 million kodwa uMakate wayichitha leyo mali. Wathi ufuna ukunika u-R9 billion. INkantolo eNkulu yasePitoli nayo yavumelana naye uMakate ukuthi leyo mali yincane.
Yabe isithatha udaba yalubuyisela kuyona iVodacom ukuthi iqhamuke nesinye isiphakamiso. Udaba lukaMakate selwake lwaba ngundabamlonyeni nasezinkundleni zokuxhuma njengoba kukhona ababethi uMakate akabongi.
Bethi kumele ngabe uyawuthatha u-R47 million. Baze bathi isenzo sakhe sikhombisa ukuba ngugombela-kwesakhe.