ISIKHWAMA esixhasa ngemali yokufunda emanyuvesi nasemakolishi iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), sithi sizoyilungisa ngokushesha eyezitshudeni ezingenayo indawo yokulala ngoba ziswele izindawo zokuhlala.
Abalesi sikhwama bathe bayazilungisa lezi zinkinga eziqubuke ezikhungweni ezehlukene ezihlaselwe yiziteleka.
Okhulumela iNSFAS uMnuz Slumezi Skosana, uthe babeke isikalo sikaR45 000 ngonyaka, sendawo yokuhlala ngoba bese zibiza kakhulu lezi zindawo.Uthe bekunesidingo sokuthi babeke isikalo ngoba izindawo sezimba eqolo.
“Sisebenzisana nenhlangano emele imikhandlu yezitshudeni emanyuvesi iSaus ukuqoqa imininingwane yezitshudeni ezinenkinga. Emuva komhlangano esibe nawo, kuqoqwa imininingwane ukuze kutholakale indawo yokuhlala.” Uthe bafuna nezinye izindawo zokuhlala ezizohambelana nesikalo esibekiwe semali.
Izikhungo athe basheshisa uhlelo lwezindawo zokuhlala kubalwa iNyuvesi yaKwaZuluNatal, iWits, Stellenbosch, University of Pretoria neRhodes.
Uthe baxhumana nemikhandlu yezitshudeni ekulezi zikhungo ukuze bathole uhlu lwalabo abadinga usizo.
Usho lokhu nje ziyaqhubeka iziteleka ezikhungweni ezehlukene ngenxa yeNSFAS, eyesikalo sezindawo zokuhlala, izikweletu ezindala zezitshudeni kanjalo nezitshudeni ezingabhalisiwe.
Ikomiti loMnyango weMfundo ePhakeme ePhalamende liyalele izikhulu zoMnyango ukuthi zibike njalo ngesonto ngebanga elihanjiwe ukuxazulula izinkinga ezikhungweni.
ISaus inekele leli komiti izinkinga ezibhekene nezitshudeni kulezi zikhungo.
Ukuphuza ukukhishwa kwemiphumela ka-matric nohlu lwabazoxhaswa yiNSFAS, yizinto okukhalwe ngazo kakhulu ukuthi yizona ezidale lezi zinkinga ezikhungweni.
Inhlangano yabaphathi bamanyuvesi i-USAf, ikhale ngokuthi izitshudeni eziningi bezilinde umnyama ongenafu kwiNSFAS ukuthi iphendule ukuthi izozixhasa noma ngeke izixhase ekubeni bezigcwala izikhala ezikhona zokufunda.
Le nhlangano ithe ezinye zezitshudeni zigcine sezithola sekudlule isikhathi sokuthi zisho ukuthi ziyazamukela izikhala zokufunda ezinikwa zona amanyuvesi, ukuthi zigcine zilutholile uxhaso lweNSFAS.
IPhini likaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uMnuz Buti Manamela umemezele ukuthi kuqokwe ithimba elizobhekana nezinkinga ezikhona emanyuvesi, luphakamise nezisombululo.