UMKHUZI wamaphoyisa esifundazweni iMpumalanga, uLieutenant General Semakaleng Daphney Manamela uncome ukusebenza kwamaphoyisa kuboshwa isigilamkhubha esineminyaka engu-36, ngamacala okugebenga izivakashi ezivela phesheya.
Umsolwa ubanjwe endaweni yaKwaNyamazane phandle kwaseNelspruit ngoLwesibili. Ubekwe amacala okuthumba nokugebenga izithandani owesilisa (47) nophathina wakhe wesifazane (36) abavakashele kuleli besuka e-USA, belubangise eKruger National Park ngoLwesine mhla ka-7 Septhemba 2023.
“Ukubambisana kweMpumalanga Provincial Tracking Team, iFederal Bureau of Investigation (FBI) yase-USA, KwaMhlanga Public Order Policing, ithimba laseKwaggafontein, iWhite River K9 Unit neMagma yikona okwenze ukubanjwa kwalo msolwa,” kusho uLt Gen Manamela.
Ngokombiko ovela emaphoyiseni, ngoLwesine olwedlule, lezi zithandani bezihamba emgwaqweni uR536 endaweni yaseCalcutta ngesikhathi zivinjwa yimoto yohlobo lweVW Golf eluhlaza ngombala.
Abagilwa bakhonjwe ngesibhamu ngabasolwa ababili ngaphambi kokuba babathumbe, babahlalisa endaweni ethile lapho bebegebenge khona impahla yabo.
Abagilwa bakwazile ukuthola usizo bafinyelela emaphoyiseni eMasoyi lapho bevule khona icala.
“Amaphoyisa aqale uphenyo lwawo eqoqa ulwazi ngesikhathi ethola olunye olubalulekile ngobuchwepheshe abuthole kwabeFBI, ngomkhondo wezinye izinto ezebiwe,” kusho uColonel Donald Mdhluli okhulumela amaphoyisa eMpumalanga.
Amaphoyisa alandele umkhondo afike endaweni yaKwaNyamazane. Efika khona athole owesilisa okuthe kuseshwa zatholakala izinto ezebiwe, kuzo kukhona iHP iphone laptop, ama-iPads amabili, iwashi le-iPhone, izipopoli ezimbili, umshini wokujema namalambu aluhlaza avame ukusetshenziswa ngamaphoyisa.
Khona kule ndawo kutholakale nemoto yohlobo lweVW Polo ifakwe izinombolo zomkokotelo.
Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi ngalo usuku aboshwe ngalo. Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-19 kwephezulu.
Amaphoyisa aveze ukuthi uphenyo lusaqhubeka futhi kungenzeka kuboshwe abanye abasolwa.