USUPHASILE emkhandlwini umthetho wenkosi uNhloso Khumalo ephakamise ukuthi uma umuntu ekhulelise endaweni yayo kuzophoqeleka ukuthi amshade unina wengane. Inkosi uKhumalo yesizwe saBaNtungwa - Kholwa eDriefontein, eMnambithi, ithe kufanele iphele indaba yabantu abazalisa amantombazane bawalaxaze.
Inkosi uKhumalo esencane eneminyaka engu-24 ubudala, ixoxe kabanzi neSolezwe ngempelasonto ngalo mthetho, yaveza ukuthi izingane ezizaleka kungashadiwe zidala inkinga emphakathini.
“Inkinga yokuqala nje yindaba yabantu abazalisa bengondli bese ekuba yilaba abahlalela ukuhlakaniphela izingane ezincane badlale ngazo balale nazo bazizalise bezishiye. Ngihlale ngabuka ukuthi uma ufuna ukulwa nenkinga kufanele uye ezimpandeni zayo ngase ngishaya lo mthetho,’’ kuchaza inkosi uKhumalo.
Inkosi ithe inkinga yokuzalela ekhaya idla lubi ezweni lonke nokwenza ukuthi izingane zikhulele endaweni engafanele, ziphuthwe amasiko nezimfundiso zasemakubo.
“Kufanele umuntu azalwe akhulele esibongweni sakubo azi amasiko akubo nayoyonke imithetho nomlando wakubo. Kukhona izibongo nje okuthiwa kuzona ayibhenywa insangu kodwa ngoba ingane ayazi ngoba ayihlali kubo, ibheme insangu iphanjanelwe yikhanda ihluphe,’’ kusho inkosi.
Inkosi ithe ikholwa wukuthi uma kungehla izinga labantu abenza ucansi olungavikelekile nabo bengashadile kungasombululeka izinkinga eziningi kabi nezifo zithi ukwehla.
Inkosi ithe isabonisana nabameli bayo bayeluleke ukuthi lo mthetho ungasebenza kanjani ngaphandle kokuphambana namalungelo abantu. Ithe uma kungaqondakali ukuthi ingane ezelwe ekabani kuyofanele kwenziwe ulibofuzo ngoba akufanele kube nengane ewumtshing’ubethwangubani endaweni.
Inkosi ithe phakathi kwamantombazane axhashwaza amadoda kusuke kukhona nezimbali zezwe ezihlolwayo zihamba umhlanga kodwa zicekelwe phansi nokuzoholela ekutheni isizwe sigcine singenazo izimbali.
Inkosi ithe izinto eziningi zoniwa wukuthi abantu basukile emasikweni abo nezingane zikhula zingazazi ukuthi zingobani ziphenduke imidlwembe zihluphe umphakathi.