KUNGAPHELI isikhathi esingakanani izihlathi zivakashele amadlebe kubantu bakuleli ngesikhathi kwehliswa intengo kaphethiroli, kodwa leyo njabulo seyizoshabalala okwamazolo ebona ilanga.
Okwenza lokho yizindaba ezingemnandi zokunyuka kwentengo kaphethiroli nekawoyela ngenyanga ezayo. Yize kunjalo kodwa abasebenzisa idizili bangase bahleke bodwa njengoba intengo yawo ingase yehle.
Okwamanje kuselukhuni satshe ukuqagula ukuthi lezi zimpahla zizonyuka noma zehle ngamalini ngenxa yokuthi bekusahamba kahle ingakanyuswa intengo kawoyela emhlabeni wonke jikelele.
Njengoba izinto eziningi okwamanje zikhuphuka ngo49% kodwa ucwaningo luveza ukuthi intengo inyuka uR1.20 zinsuku zonke. Uma kugcina kumi kanje kusho ukuthi intengo kaphethiroli ingase inyuke ngo50c kuya ku-R1.20c.
Intengo kadizili kulindeleke ukuba yehle ngo55c. Nesimo serandi uma usiqhathanisa ne-dollar sizoba nomthelela njengoba irandi lilula kakhulu kuze kube amahlandla amathathu uma liqhathaniswa ne-dollar.