NGESIKHATHI ezinye izikhungo zemfundo ePhakeme zikhala ngokuthi azinamali zize zivala nemicimbi. Abasebenzi baseLangeni TVET College bachonywe uphaphe lwegwalagwala ngomsebenzi omuhle abawenzayo.
NgoLwesihlanu abasebenzi balesi sikhungo bebehlangene eThe Station, eThekwini beswenkile.
Umphathi waseLangeni TVET, uNkk Zodwa Kula, utshele Isolezwe ukuthi uyakhokhelwa kakhulu ekubongeni abasebenzi ngomsebenzi omuhle abawenzayo ngoba lokhu kuyabagqugquzela ukuthi baqhubeke nokwenza kahle.
Ebuzwa ukuthi benzangani ukuthi benze umcimbi osezingeni ekubeni abanye ozakwabo bekhala ngokungabi nemali.
Uthe bayakuhlela konke okufanele kwenzeke Elangeni futhi basebenzisana nezinhlaka ezehlukene.
"Ezinye izinto azidingi izizumbulu zemali. Isibonelo nje, izitifiketi zokuhlonipha abasebenzi sizenzele thina. Sabe sesicela ezinhlakeni esisebenzisana nazo izipho nezindondo ezizohambisana nezitifiketi. Asiluceli usizo lwemali, siye sicele ukuthi mhlawumbe basilekelele ngendawo esizohlanganyela kuyo nokunye okusuke kudingeka. Ngiyakholelwa kakhulu ekubongeni abantu ngokwenza kahle ngoba isikhungo siyaphumelela ngenxa yokusebenzisana okuhle," kuchaza uNkk Kula.
Uthe uma abasebenzi bejabule, ababi nokhwantalala ngakho lokho kusho ukuthi bazowenza kahle umsebenzi wabo.
Uveze ukuthi minyaka yonke baba nezinhlelo ezicacisayo ukuthi bazokwenzani ngonyaka olandelayo nokuyinto ebasizayo ukuthi basheshe babone abazokudinga ngesikhathi esithile.
USihlalo wesigungu sekolishi, uMnuz Nhlanhla Mpondi, ubonge abasebenzi ngokuhlomisa abantu abasha ngamakhono abasiza ukuthola umsebenzi nawokuzisebenza.
Uthe wunyaka wesithupha lo benza umsebenzi wokuhlonipha abasebenzi ngoba Elangeni abagcini ngokukhiqiza abantu abazoqashwa ezinkampanini kodwa bakhiqiza nabaqashi bangomuso.
USomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, uncome abaphathi baseLangeni ngomcimbi ogqugquzela abasebenzi.
Uthe kuyacaca ukuthi imali iphethwe kahle kuleli kolishi ngoba ezindaweni eziningi abasabongwa abasebenzi ngemicimbi ngoba kukhalwa ngemali engekho.
Ugqugquzele abasebenzi ukuthi balethe ushintsho emsebenzini, babe yizishoshovu zokuvikelwa kwamalungelo abantu.
UNksz Thandolwethu Bhengu (26) ofundisa i-Electrical Engineering, ngomunye wabaklonyelisiwe njengoba engekho umfundi wakhe ofeyile lesi sifundo.
"Ngiyajabula kakhulu ngokuthola umklomelo ngoba kuyakhombisa ukuthi abaphathi bayawubona umsebenzi engiwenzayo. Abafundi bayangihlonipha bangithatha njengomzali," kusho uNksz Bhengu.
Omunye oklonyelisiwe nguNksz Fezile Mbelu (26), ofundisa izifundo zePublic Management neManagement Assistant.
Uthe uzizwa ethobekile ngokuklonyeliswa futhi kumgqugquzela ukuthi ahlale ezimisela emsebenzini.
Ugqugquzele abanye othisha ukuthi babeke abàfundi phambili futhi bazimisele emsebenzini.