KUBUYE ithemba lokufukula amabhizinisi ngenkathi kuvulwa kabusha inxanxathela yezitolo, iSpringfield Value Centre. Sekuphele isikhathi ivaliwe ngemva komonakalo owadalwa yizibhelu zangoJulayi, nyakenye.
Inxanxathela yezitolo yethulwe kabusha futhi kuvulwe ezinye zezitolo ngemva kwesikhathi esingaphezulu konyaka ivaliwe.
Owophiko lezokukhangisa kuzwelonke, iNational Marketing Manager uMnuz Donald Mclellan, uthe isimo sempilo sabasebenzi yisona ebesibaphethe kabi ngenkathi inxanxathela ingasebenzi.
“Abasebenzi bebelokhu bekhathazekile bezitshela ukuthi bazolahlekelwa yimisebenzi kanti lokho bekuyinto yokugcina ebesifuna yenzeke ngoba bama nathi ngazo zonke izikhathi futhi sesisebenzisane nabo isikhathi eside. Izibhelu zisifundise ukuthi kubalulekile ukusebenzisana nomphakathi ngoba yiwona okhombise kakhulu ukusiseka ngenkathi sivelelwe yile simo,” kuchaza uMclellan.
Uqhube wathi iningi lamakhasimende belixhumana nabo ezinkundleni zokuxhumana lifuna ukuwazi ukuthi inxanxathela izovulwa nini.
“Umonakalo owenzekile kulesi sikhungo ubumkhulu futhi ithimba lephrojekthi lisebenza ngokuzikhandla ukuthi isikhungo sivulwe ngokushesha. Kuyasijabulisa ukumemezela ukuthi u-70% wesikhungo uvulwa kabusha namhlanje kanti enye ingxenye yesikhungo izovulwa futhi ekupheleni konyaka,” kuchaza uMclellan.
Wadalula ukuthi imali esetshenziselwe ukulungisa inxanxathela ilinganiselwa kuR300 million. Wathi uyathemba ukuthi ukuvulwa kwenxanxathela kuzoletha amakhasimende amasha kuphinde kwakhe ubudlelwano obusha kwezamabhizinisi.