KUNESASASA eSishayamthetho sesifundazwe KwaZulu-Natal njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini sizokwethula inkulumo yaso okokuqala emcimbini wokuvula ozomenyezelwa maduze nje.
Isolezwe ngeSonto selitholile ngomthombo walo ukuthi iNdlulamithi izokwethula inkulumo kulo mcimbi okokuqala selokhu yahlala esihlalweni soyisemkhulu.
Umcimbi wokuvulwa kweSishayamthetho usuke ulandela owokuvulwa kwePhalamande likazwelonke. Kuyona yomibili kudlisa umswenko. Le micimbi ithanyelwa yizicukuthwane ezinhlobonhlobo.
Umthombo owazi ngamalungiselelo, uthi kunesasa elikhulu futhi ithimba lidonswe ngendlebe ukuthi lisebenze ngobuyoninco, ukuze konke kuhambe kahle. Nakuba okaBhejane eke wafika kulo mcimbi ngokwedlule kodwa akayethulanga inkulumo ngoba bekungakacaci kahle ngombango wesihlalo.
Ngokohlelo lukahulumeni waKwaZulu-Natal, iNgonyama inikwa ithuba yethule inkulumo njalo uma kuvulwa iSishayamethetho. ISilo esikhotheme uZwelithini kaBhekuzulu besivamile ukukwenza lokhu uma kunalo mcimbi wekhethelo. Kuvame ukuthi kuqale sona iSilo sikhulume ngosuku lokuqala, bese ngakusasa kukhuluma undunankulu.
Okhulumela iSishayamthetho, uNksz Nomusa Phungula uqinisekisile ukuthi kumatasa kulungiselelwa umcimbi omkhulu. Uthe kade kunomhlangano neNgonyama ngoLwesithathu.
“Kunjalo ngoba iSishayamthetho saKwaZuluNatal sibe nomhlangano neNgonyama noNdunankulu kaZulu nabaNtwana baseNdlunkulu, bekuxoxwa ngamalungiselo okuthi iSilo sethule inkulumo yaso yokuqala emcimbi ozoba kule nyanga. Amalungiselo asesesigabeni sokuqala ayaqhubeka, kodwa uSomlomo uzobiza abezindaba abachazele ngakhokonke,’’ kuchaza uNksz Phungula.
Okunye okuqaphelakayo wukuthi uNdunankulu uNkk Nomusa Dube- Ncube uzovula iSishayamethetho okokuqala njengoba ekhethelwe esikhundleni ngonyaka odlule ngo-Agasti. Uthathe izintambo kobengundunankulu uMnuz Sihle Zikalala, osekhuphukele ezingeni likazwelonke.
UNkk Dube-Ncube kulindeleke ukuthi achaze ngesimo sesifundazwe, acacise nezinhlelo zikahulumeni kuyiwa phambili.ISilo silindeleke ukuthi sethule inkulumo njalo uma sekuvulwa iNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal.