ZIBAMBE umoya izitshudeni ezikhokhelwa yi-National Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), wokuthi zingalali endle ngenxa yokuthi lesi sikhwama sihlale siba nezingqinamba zokukhokha ngesikhathi uma kuqala unyaka.
Lokhu kushiwo okhulumela inhlangano yemikhandlu yezitshudeni emanyuvesi, i-South African Union of students (SAUS), uMnuz Asive Dlanjwa, okhale ngokuthi sekuphenduke insakavukela ukuthi njalo uma kuqala unyaka lezi zitshudeni ziba nale nkinga.
Usho kanjena nje, kuleli sonto izitshudeni ziyabhalisa ezikhungweni zemfundo ezehlukene.
UDlanjwa uthe i-NSFAS kayikakhokheli nenhlangano yomastende abazimele, i-Private Student Housing Association, imali yanyakenye.
“Njengoba kuqala umshikashika wokubhalisa, omastende kumele bazivumele lezo zitshudeni ezizoxhaswa ukuthi zilale ngoba kusuke kukhona okuphathekayo okushoyo ukuthi zizoluthola uxhaso lwe-NSFAS. Asifuni kube nezehlakalo lapho sithola izitshudeni sezilala endle ngoba zingakakhokhelwa ekubeni zizoluthola uxhaso,” kusho uDlanjwa.
Uthe ne-NSFAS kumele isheshise uhlelo lokukhokhela omastende esabakweleta.
Usho lokhu nje, uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uDkt Nobuhle Nkabane, ubehlangene nomastende kanjalo nezinhlaka ezehlukene ukuzwa izinkinga ngaphambi kokuqala ukubhalisa.
Isikhulu esiphezulu se-Private Student Housing Association, uMnuz Kagisho Mamabolo, siveze ukuthi maningi amathuba okuthi ezinye izitshudeni zizolala endle ngenxa yokuthi i-NSFAS isabakweleta.
UMamabolo uthe i-NSFAS isabakweleta u-R44 million, abahlinzeka ngezindawo zokuhlala.
“Sihlanganile siyinhlangano mayelana nalesi sikweletu se-NSFAS esingakakhokhwa. Kule mpelasonto omastende baqalile ukwamukela izitshudeni kanti kufika nalezo okumele zixhaswe yi-NSFAS kodwa ezingakaphendulwa. Okubuhlungu ukuthi sizozichitha lezo okungaveli ukuthi zixhasiwe, okusho ukuthi zizolala endle,” kusho uMamabolo.
Phambilini, okhulumela i-NSFAS, uMnuz Ishmael Mnisi, wathi bazocubungula bonke omastende abakhala ngenkokhelo ukuthi bahlalisa izitshudeni ezifanele bese bekhokha.
Kuvele ukuthi okwamanje bamatasa nalolo hlelo.
UMamabolo uthe omunye womastende oyilungu lenhlangano yabo, utshelwe okufanayo yi-NSFAS, ukuthi isematasa ibheka ukuthi bonke abakweletayo bafanele ukukhokhelwa yilesi sikhwama.
Ubuye wakhala nangokuthi akumele bakhokhise izitshudeni bengomastende uma kukhona izinto ezifile.
“Imibandela ye-NSFAS ithi akumele sifune imali ye-diphozithi uma isitshudeni sifika sizohlala. Akumele futhi ukuthi sifune imali kwisitshudeni uma sesiphuma endaweni ebesihlala kuyona, uma sishiye umonakalo,” kusho uMamabolo.
Ukhale nangesivumelwano esikhishwe yi-NSFAS, esingavezi ukuthi bazokhokhelwa malini.
“Izidingo zezitshudeni kungenzeka ziphazamiseke njengoba zingatholi uwaya waya we-Wi-Fi lapho zihlala khona noma ugesi namanzi okuwumlibe ngenxa yokuthi akwaziwa ukuthi malini esizokhokhelwa wona kodwa kumele sisayine. Hhayi ngoba sifuna ukukhokhelwa imali enkulu kodwa sifuna ukwazi ngoba amanzi, ugesi nama-rates, kanjalo ne-Wi-Fi kuyakhokhelwa,” kusho uMamabolo.
Uthe bazimisele ukuxoxa ne-NSFAS ukuze kuxazululwe izingqinamba ezikhona.