SIYALELWE ukuthi sifunele izitshudeni ezinye izindawo zokufunda nokuthi singabe sisamukela izitshudeni ezintsha izikhungo ezine ezingaphansi kwe-Educor, ezikhishwe ohlwini lwezikhungo ezizimele nguMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo Mnyango uDkt Blade Nzimande izolo ekhuluma nabezindaba ePitoli ukuthi lezi zikhungo okuyiDamelin, City Varsity, Icesa City Campus neLyceum College, zikhishiwe ngaphansi kwezikhungo ezibhalisiwe ngumnyango wakhe.
Uthe izinkinga ezithinta inkohlakalo, ukungalethwa kolwazi oluthinta ukusebenza kwezimali, ukukokotelwa kwesibalo sezitshudeni, ukungakhokhelwa kwabasebenzi ngezinye zezinto ezibhekene nalezi zikhungo.
Uveze ukuthi ngoLwesihlanu umnyango wakhe ufake ngaphansi komqulu kahulumeni ukuthi lezi zikhungo azisabhalisiwe ngaphansi kwawo.
“Kusuka ngo-2021 no-2022 i-Educor ephethe lezi zikhungo ihlulekile ukuletha ulwazi oluthinta ukusebenza kwezimali.
“Kumele i-Educor ifunele izitshudeni ezinye izindawo zokufunda ukuze ziphothule iziqu zazo. Siqale ukusebenza nobuholi obusha balezi zikhungo kusuka ngo-2012.
“Besibucela ukuthi bulungise izinto buhambisane nomthetho kodwa bulokhu bucela ukululelwa isikhathi ukuze buzilungise, okugcina ngokuthi zingalungi,” kusho uDkt Nzimande.
Uthe manje kumele kuqhutshekwe nezitshudeni ezikhona zize zithweswe iziqu kungamukelwa ezintsha.
Udalule ukuthi sekuyihlandla lesithathu i-Educor icela ukululelwa isikhathi ukuze ilungise izinto. Manje icele kuze kube u-Okthoba nonyaka.
Uthe bazoyinika leli thuba lokulungisa izinto ngoba bafuna ukuvikela isithunzi seziqu zakuleli, ukuze kungabi nongabazane ngazo.
Ukhale ngokuthi i-Educor yakokotela isibalo sezitshudeni enazo yathi zingu-50 000, ekubeni zingu-13 086 kanti ubezithola izikhalazo njalo ngalezi zikhungo.
“Kukhona ezinye ezithinta ukuthi izitshudeni zagixabezwa ngamamaki okuthi ziphasile ekubeni zingaphasanga. Okunye ukungaholelwa kwezisebenzi, izinga eliphansi lokufundisa, abasebenzi abangenazo iziqu ezifanele zokufundisa, ukushaywa indiva uma izitshudeni zifuna imali yazo, ukukhokhelwa imali encane kwabasebenzi nezinye,” eqhuba.
Uthe izinto ezithinta ukusebenza kwemali ezikhungweni yinto ebalulwa ngisho emthethweni.
Uveze ukuthi izinto okukhalwa ngazo ngalezi zikhungo zigcina zingalungiswanga.
“Izitshudeni kumele ezinsukwini ezingu-14 kushicilelwe indaba yalezi zikhungo, zinikwe imiphumela yazo, zibuyiselwe imali nokuthi lezo esezizophothula iziqu zibhaliswe izivivinyo zithweswe nemiyezane.
“Nginxusa abasebenzi ukuthi baye enkantolo yezabasebenzi noma eCCMA (Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration. ukuze basizakale,” kusho uNgqongqoshe.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ezinye zalezi zikhungo iDamelin, inomlando kuleli njengoba selokhu yabakhona kusuka ngo-1947.
Kulesi sithangami kucetshiswe izitshudeni ukuthi ziye kubameli ukuze bazisize zithole imali yazo.
Okhulumela inhlangano emele imikhandlu yezitshudeni iSouth African Union of Students’ (SAUS) uMnuz Asive Dlanjwa, uthe baphatheke kabi ngezitshudeni ezizosala dengwane ngenxa yalesi simo.