KUQUBUKE umsindo emuva kokuvela kwezindaba zokuthi owayeyimeya yaseGoli, uDkt Mpho Phalatse, uhlukanise nobengumyeni wakhe uBrutus Malada, washada emuva kwezinyanga ezine ehlukanisile.
Ngokubika kweSunday World, uPhalatse noMalada bekungakapheli neminyaka emibili beshadile.
Kuthiwa manje ushade noMfundisi Gerald Nxumalo webandla iJubilee Global Ministries ngo-Agasti 31.
UPhalatse (47) kuyahlaluka ukuthi akacucuzi ekuthatheni isinqumo ngomshado njengoba esedivose kabili. Okubenze bahlukana noMalada yingoba izihlobo zikaMalada bezivakasha endlini yabo nokuyinto abenenkinga nayo.
UMalada ucashunwe ekuqinisekisa ukuthi bahlukanise ngo-Ephreli ngenxa yezinkinga zomndeni. Uthe babe nesikhathi esimnandi ndawonye.
UPhalatse akatholakalanga ukuthi aphawule.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana baphawule ngezindlela ezahlukene. UNtshavheni ubhale ku-X ukuthi abantu abamyeke ngoba uyakholelwa emshadweni.
UShilukwa Nghonyma uthe: "UDkt Mpho Phalatse uphule irekhodi, udivose wase eyashada esikhathini esingangezinyanga ezine."
UBillions4Her2 uthe uMpho Phalatse uyaqhubeka nempilo, akachithi sikhathi. Uthe uyambongisa.
UJuddeRo uthe uPhalatse ubepheka imbuzi ngomhluzi wenye.