KUFUFUSA imashi yamaNazaretha aseBuhleni, bathi inhloso yayo ukumisa yonke into inganyakazi eThekwini naseGoli. Amakholwa afuna ukuzwakalisa ilaka lawo lokweseka uNyazilwezulu, njengoba lungase luphoqwe ukuthi lusuke esihlalweni ngemva kokuchithwa yinkantolo.
Isolezwe ngeSonto linesitatimende esibhalwe ngamalungu ebandla laseBuhleni, esichaza ukuthi afuna ukuba nemashi yokuthula futhi kunxenxwa amakholwa ukuthi abeyingxenye yayo.
Esitatimendeni kuyalelwa amakholwa ukuthi angalususi udlame uma sekunemashi ngoba kuzobe kungeyokuthula nokukhombisa ukuzwelana noNyazilwezulu. Kulesi sitatimende kugcizelelwe ukuthi abantu abasha bangasali kumele babekhona kule mashi ngoba izoba yingqophamlando. Kugcizelelwe nokuthi bazohamba ngamaqembu abantu abangu-500, ngenhloso yokulandela imigomo yeCovid-19.
Esitatimendeni amakholwa ayalelwe ukuthi alindele ukwaziswa usuku lwemashi nendawo lapho bezosuka khona neya kuyona le mashi. Kwenzeka lokhu nje kuleli sonto, isigungu isiQabetho seNhlalamafini sibambisene neNabachu okungabantu abasha bamaNazaretha aseBuhleni, bebenesithangami sabezindaba.
Kulesi sithangami bekulindeleke ukuthi kumenyezelwe imashi kodwa umthombo waleli phephandaba uthole ukuthi abebeyisingethe badonswe ngendlebe, ukuthi bangayimemezeli.
Okhulumela isiQabetho, uDkt Ngogi Mahaye uthe bebezokwazisa abantu ukuthi bona bahambisana noNyazilwezulu futhi abagudluki. Waveza nokuthi njengoba belandela lona abaguli ngamakhanda bayakwazi abakwenzayo. Wagcizelela ukuthi ngeke bangene kwezithinta umthetho ngoba bakhona abavumelekile ukukhuluma ngazo ebandleni.
Emva kwesithangami esebuzwa ngemashi uthe ucela kukhulunywe nobuholi obuphezulu ebandleni okuyibona obungacacisa ngayo.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe, uzwile ngemashi kodwa akanasiqiniseko sokuthi ngobani abasekhaleni layo.
“Miningi imiyalezo esengiyitholile ekhuluma ngemashi kodwa angiqondi ukuthi izosiza ngani. Ngokwazi kwami, amakholwa ayathandaza awamashi ngoba ngeke isisize imashi ukuguqula isinqumo senkantolo. Ngendlela isimo esesiyiyona manje ebandleni sicela iSilo samaBandla, uMntwana wakwaPhindangene nowayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma bangenelele ukuxazulula le nkinga esibhekene nayo.
“Yibona abantu esinethemba lokuthi bangaqhamuka nesixazululo njengoba benamandla futhi bewazi nomlando wamaNazaretha. Ukube kusekhona iNkosi yakwaBiyela indlovu edla ofakazi, ibizosisiza kulesi simo ngoba yayinikiwe amandla okuxazulula izinkinga kumaNazaretha,” kusho uMncwabe, ophethe ngokuthi bayaluthanda uNyazi.