KHETHA SANGWENI
KUQUBULE imibuzo ukukhishwa kwamaphoyisa agada izigodlo zobukhosi bukaZulu, kuthiwa ayalelwe yizikhulu zawo ukuba ashiye phansi umsebenzi ngoba azojutshwa eziteshini nakwezinye izindawo.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ongaphakathi endlunkulu obukhona ngesikhathi kuyalelwa amaphoyisa ukuba aphume. Amaphoyisa ahoxisiwe angaphansi kweSAPS kodwa abizwa ngeRoyal Protection Unit.
Amaphoyisa avame ukubonakala ezigodlweni efake umfaniswano emasangweni elawula abantu nezimoto ezingenayo, neziphumayo. Amanye asuke ezulazula eqinisa ezokuphepha. Akhona nalawo ajutshelwe ukuhamba neSilo ukuze asivikele futhi asishayelele imoto.
Umthombo uthinte iphephandaba ngesikhulu isivinini uzwakala ukuthi ukhuza umhlolo.
“Sekukhishwe amaphoyisa ezigodlweni zonke zasala dengwane kumanje ayofakwa kwezinye izindawo, amanye ayiswe esiteshini KwaNongoma,’’ kusho umthombo ngokukhathazeka.
Umthombo uthe ubusesigodlweni KwaKhethomthandayo, ngesikhathi kwenzeka lokhu. Iphephandaba lenze uphenyo lwalo lathola ukuthi abantu abagadwayo yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, noNdlunkulu ukaMayisela. UMntwana uMandla Zulu waseNdlunkulu, uqinisekisile ukuthi amaphoyisa awasekho ezigodlweni wagagula izikhulu zamaphoyisa ngezibongo wathi akubuzwe zona.
“Amaphoyisa asusiwe ezigodlweni zonke lokho ngikuqinisekisa ngoba ngithole kahle umbiko kubantwana. Asikwazi ukuchaza ngakho kufanele kubuzwe izikhulu zamaphoyisa ngoba asazi thina,’’ kusho uMntwana uMandla.
Ngesikhathi iphephendaba licoshela umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho eMgungundlovu, lizithele kuMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nhlanhla Mkhwanazi. Uthe uma ebuzwa ngodaba wangafuna ukuphumela obala kahle nempendulo eqondile.
“Sibheke ukuphepha kweSilo thina lokho ngingakuqinisekisa. Kulindeleke sibheke ukuphepha kweSilo noma ngabe sikuphi,’’ kusho uMkhwanazi. Exinwa ngombuzo wokuhoxa kwamaphoyisa ubephinda amazwi awodwa, ”okuphepha kweSilo“. Ugcine engacacisanga kahle ukuthi uyakuphika noma uyakuvuma ukuhoxiswa kwamaphoyisa.
Okuqaphelekayo wukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sigadwa abaqaphi abaningi abanye amaphoyisa ophiko olukhethekile agqoka umfaniswano ongajwayelekile futhi azifihle ubuso.