MHLELI: Nginenkinga ngobaba uV VO Mkhize uma ezokhuluma kabi ngabasindisiwe oKhozini FM bengeke baziphendulele.
Siyacela umama uDudu Khoza amkhuze, amfake emgqeni akhulume ngento akholelwa kuyo, ayeke inkolo yethu yobuKristu.
Ngineqiniso ukuthi akazi lutho ngensindiso. Akagxile kwakwaziyo okungamadlozi, impepho namaphupho.
Ayikho into ebuhlungu njengokuthi umuntu azosidilika ngoba enyanya ivangeli lensindiso.
Okokugcina; ngiyamfisela ukuthi ambuleleke ngevangeli elisiza umuntu aphume ekudukeni, sengathi kungakhanya kuye izinsuku zakhe zingakapheli emhlabeni.
Ps Goodman Nsele
eMtuba