SIBEKELWE imibandela eqinile isikhungo i-Educor, nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane, obuyisele okwesikhashana ukubhaliswa kwaso ngaphansi komnyango wakhe njengoba sase sikhishiwe.
Lesi sikhungo esinamakolishi amane akhishwa ngaphansi kwabhalisiwe owayenguNgqongqoshe walo mnyango uDkt Blade Nzimande, ngenxa yokungayilandeli imibandela ebekelwe izikhungo zemfundo.
Amakolishi athintekayo kulokhu yi-Damelin, City Campus, Icesa City Campus ne-Lyceum College.
UDkt Nkabane uthe uzobuyisela okwesikhashana ukubhaliswa kwe-Educor, uma izohlangabezana nayo yonke imigomo nemibandela yeCouncil on Higher Education (CHE), ngaphambi kokuqala uhlelo lokufunda nokufundisa.
Uthe okunye ngukuthi kumele isikhungo silethe umbiko wokusebenza kwaso njalo ngenyanga emnyangweni.
“Kumele izinhlelo zokufunda nokufundisa zibe sezingeni. Kumele kulethwe umbiko zinyanga zonke obandakanya izitatimende zokusebenza kwemali, izibalo zezitshudeni ezibhalisile kanjalo nezinye izimfanelo.”
Uthe njalo ngekota kumele isikhungo silethe umbiko oveza ukuthi kunozinzo ngasemalini.
“Kumele kube nokuvuleleka ngasemabhukwini athinta imali. Uma kukhona izinselelo lesi sikhungo kumele sisheshe sikubike lokhu emnyangweni.”
Uthe banqume ukubuyisela ukubhaliswa kwaso okwesikhashana ngoba bengafuni kuphazamiseke izitshudeni ezibhalise khona.
“Kumele ngikucacise ukuthi ukubuyiselwa kwaso okwesikhashana njengesikhungo esibhalisiwe, akusho ukuthi sekuyaphela ngohlelo lwezomthetho oluqhubekayo phakathi kwesikhungo nomnyango. Nginalo ilungelo lokuhoxisa isinqumo sesikhashana uma kungukuthi imibandela engiyibekile ayilandelwa,” kugcizelela uDkt Nkabane.
Uthe bazimisele ngaso sonke isikhathi ukweseka izikhungo ezilandela imigomo kahulumeni.
Le migomo uthe ibekelwe ukuvikela izitshudeni nokuqinisekisa ukuthi zithola imfundo esezingeni.
UNzimande ngesikhathi ehoxisa ukubhaliswa kwesikhungo wakuveza ukuthi kusuka ngo-2012, bebesinxenxa ukuthi silungise izinto eziningi ababekhala ngazo.
Ezinye zazo ukungalethi imininingwane yokusebenza kwemali, bekukokotelwa isibalo sezitshudeni njengoba izibalo bezishayisana, ukungakhokhelwa kwabasebenzi kanjalo nezinye izinto.
Ukubuyisela ukusebenza kwesikhungo kuzosiza izitshudeni ebezingazi ukuthi zizoziqedelaphi iziqu zazo.