UNOKWANDA Shabalala uMphathi-jikelele weCoca-Cola Beverages South Africa (CCBSA) owengamele isifunda sasogwini okuyiso esikhulu ukwedlula ezinye kule nkampani, esengamele iKwaZulu-Natal, Eastern Cape nezingxenye zesifundazwe iWestern Cape neNorthern Cape.
UNOKWANDA wazalwa wakhula endaweni yaseMatiwaneskop, ngaphandle kwaseMnambithi kodwa wafunda elokishini eMadadeni laseNewcastle eSiyamukela High School, lapho aphothula khona umatikuletsheni. Le ntokazi ikuthakasele ukubuyela esifundazweni sakubo izosebenza khona okokuqala ngqa, kwazise yahamba ngemuva kokuphasa umatikuletsheni yazinza esifundeni saseGauteng.
UMA UNGAFINGQA IZIMFANELO EZESEKE INDLELA YAKHO EKUHOLELE KWESOMPHATHI-JIKELELE, YIZIPHI EZIFIKA EMQONDWENI?
Ukugxila emiphumelweni oyihlelile, ukuba nomqondo owodwa, ukulangazelela ulwazi kanye nokuzinikela.
UBAHOLA KANJANI ABANTU UKUZE BENZE OKUHLE?
Inhloso enkulu yanoma yimuphi umholi okhona, wukuthola imiphumela ephakeme kakhulu ebantwini abaholayo, ukwakha indawo lapho abantu obaholayo bengakwazi ukuchuma futhi bazinikele ngokwabo. Lokhu kungasho ukuvumbulula (ithalente) nokususa izithiyo ezibabuyisela emuva, ukukhuthaza ukusebenza ngokuzinikela, ukutshala imbewu yokuba nogqozi lokuthi “kungenzeka”, ukuhlomisa abantu nokuthuthukisa amakhono abo, noma ukuvele unikeze abantu imvume nendawo yokubonakalisa lokhu abakwaziyo. Izimo-ke azifani kodwa ekugcineni kosuku umholi kumele aholele abantu bakhe kuze babe nemiphumela ephakeme.
YISIPHI ISIMO ESAKE SAKUVIVINYA ENBUHOLINI BAKHO?
Ngenkathi ngiqala indima yami yoMphathi-Jikelele eGauteng, nganginolwazi oluncane lokuphatha kwezokuthengisa. Okusho ukuthi kwakunamalungu amaningi ethimba labadayisi esigabeni seGauteng Commercial ababenolwazi nesikhathi eside kunami ngalo msebenzi ebekumele ngibahole kuwo. Lokhu kwenza ukuthi ngibe nezikhathi lapho ngihlaselwa yisimo sokuzingabaza ngizibuza ukuthi bengifanelwe yini ukuthi ngisithathe lesi sikhundla futhi ngingakwazi yini ukumelana nezidingo zaso.
WADLULA KANJANI KULESO SIMO?
Kwakuyinhlanganisela a) yokubangizungezwe ngabantu abangesekayo abakholelwa kimi futhi bangivulela iminyango ukuze ngisondele kubo uma ngidinga usizo, (b) ukuzinikela kwami emsebenzini okwakungangivumeli ngiphumule ngingakayiqondisisi noma/ngingakayixazululi into edingekayo kanye (c) nokusekelwa ekhaya okwangivumela ukuba ngisebenze amahora ayengeziwe uma kudingeka. Kwadingeka futhi ngizikhumbuze ngezingqinamba engizinqobile nempumelelo esengiyizuzile phambilini.
YINI INHLOSO WAKHO NGALESI SIFUNDA OSIHOLAYO NGO2023?
Inhloso yami ngeSifunda sasoGwini wukuqinisekisa ukuthi sifeza ingxenye yezinjongo zesifunda zebhizinisi zika-2023 bese sizeqe! Abantu bethu bayisiqalo futhi bayisigcino. Izinqubo kazizifezi ngokwazo,futhi akukho okuzenzakalelayo enhlanganweni. Ngabantu enhlanganweni abenza izinto zenzeke.
Sidinga abantu abazinikele, abanomdlandla abafuna ukuzuza lukhulu. Iqhaza lethu singabaholi wukwakha isimo esinikeza umdlandla, esicacisayo, esikhuthazayo futhi esinika abantu bethu ithemba lokuthi izinhloso zethu zingafezeka. Eduze nje kwabantu bethu, kukhona amakhasimende ethu. Ngaphandle kwamakhasimende ethu, asikho ndawo. Ngaphezu, kokuba nabantu abazinikele ngokuphelele, sidinga ukwakha ubudlelwano obuqinile namakhasimende ethu abambisana nathi ngesisekelo sokuhlomulisana neCCBSA yasoGwini.
YIZIPHI IZELULEKO ONAZO NGABESIFAZANE ABASEBASHA ABAFISA IZIKHUNDLA ZOKUHOLA?
Kunezinto ezine engikholwa wukuthi ziyizisekelo ezibalulekile zokwakha umholi oqotho wesikhathi esizayo:
a) Zinike isikhathi sokuthi uzazi. Yazi ngawe: okuhle ongakujabulela, okubi okudingeka usebenze kanzima ukukuguqula nokubi okumele ukwamukele, bese uba nokuthula ngakho. Ukuzazi kwakha ukuzethemba njengoba wazi ukuthi yini onekhono layo ngempela futhi akekho ongakuphuca lokho; futhi kuletha ukuthula njengoba wazi ukuthi yini ohlale udinga ukuyisebenza engelula kuwe nalokhu okwaziyo ukuthi kuyakwehlula futhi ngeke uze ukuzame bese uhalalisela labo abakwaziyo ngoba wena uyazi lapho oqhakaza khona;
b) Zihlaziyele ngokwakho ukuthi impumelelo ibukeka kanjani ngokwakho ukubona, ngaphambi kokuthi abanye abantu bakuchazele ngayo. Lokhu kukwenza ukwazi ukumelana nokugxekwa ngoba uyohlale unendawo buyela kuyo ekuchazela ukuthi iyini impumelelo, noma ugxekwa. Kukwenza futhi ukuthi unganethezeki lapho abanye abantu bekujabulela ngokweqile okwenzayo ngoba wena wazi ukuthi ubuzifunela okwengeziwe;
c) Thokozela impumelelo yabanye abantu, kungaba sezingeni lakho noma ngaphansi. Ukujabulela impumelelo yabanye abantu akuthathi lutho kweyakho;
d) Okokugcina, qhudelana nezinhloso zakho nezinto ozifezayo, hhayi nabanye abantu. Lwela ukuwina ngokumelene nezinhloso zakho, izifiso nemigomo, hhayi ngokumelena nomuntu olandelayo. Akukho okubi ngokuzilinganisa nabantu oqhathaniswa nabo kodwa ukuzilinganisa nokuncintisana yizinto ezimbili ezihlukene.
YINI OKUMELE YENZIWE UKUZE KWESEKWE ABESIFAZANE ABANINGI KWEZAMABHIZINISI?
Uma sibuka ukweseka abesifazane kwezamabhizinisi nokwandisa ukuhlukahluka nokufakwa kwezomnotho, kufanele sibuke zonke izinhlangothi, ngokubheka ngaphakathi nangaphandle kwebhizinisi lethu - njengabanikezeli esisebenza nabo nemiphakathi esisebenza kuyo.
E-CCBSA, enye yezinhlelo zethu zangaphakathi yinkundla ye-Women@CCBSA. Lena yinkundla ephephile, ebonakalayo lapho abesifazane ebhizinisini lethu bengabelana futhi bafunde ngokolwazi abanalo ukuze bakhuthazane. Ibhizinisi liyaqonda ukuthi kasiyona imishini futhi kwesinye isikhathi ukuziba inhlalakahle yengqondo nemizwa yethu kwenzeka ngenxa yentengo yezinga eliphansi lokuziphatha nokusebenza. Le nkundla isiza abesifazane enhlanganweni yethu ukuthi babhekane nezinselelo zansuku zonke. Lena ngenye yezindlela esingafaka ngazo isandla ekwakhiweni kwenhlangano eqinile lapho ukuphila kwabasebenzi bethu kubaluleke kakhulu.
I-CCBSA iphinde yenze utshalomali olubalulekile ekuthengeni izinto, okuholela ekwenyukeni kwemali kwbathengisa impahla abansundu isuka ku-50% yaya ngaphezudlwana kuka-61% wesamba sayo esilungisiwe sokuthenga, u-34% wokho okungawabantu besifazane abamnyama.
Siphinde sibe ne-Bizniz in a Box, okuwuHlelo lokuThuthukisa Abantu Abasha Nabesifazane (YWEP) olusiza ekwakheni umnotho wasemalokishini nezindawo zasemakhaya ngokuthuthukisa intsha emnyama namabhizinisi aphethwe ngabesifazane ahambisana nezidingo zemiphakathi yawo. Ihlose ukusiza ekunciphiseni ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha nabesifazane, ubumpofu, nokungalingani.
Iziqu Nokwanda Shabalala uMphathi-jikelele weCoca-Cola Beverages South Africa (CCBSA):
Iziqu zeMasters Degree ngezifundo ze- Engineering Management azithola enyuvesi iGeorge Washington University eWashington, DC, neBachelors Degree ngezifundo ze-Electrical Engineering azithola enyuvesi yaseKapa.
Amakhono Akhe:
Strategy and Business Development; Investment Banking (Mergers & Acquisitions); General Management
Ulwazi lwakhe lomsebenzi:
Investment Banking (M&A) – Standard-Bank CIB, Strategy and Business Development - SABMiller Africa, Regional General Manager - CCBSA Gauteng Region
UTHI BUWAZI?
Njengengxenye yokuzibophezela kwe-CCBSA ekuvulelekene, le inkampani yenyuse ukumeleleka kwabesifazane abamnyama ezindimeni zobuholi nabaphathi abaphezulu, isuka ekuhlonzweni Inkampani izibophezele ekwakheni isiko kanye nezimiso zokuziphatha ezibandakanya wonke umuntu, ngokuhlukana kwabo, futhi ezikhombisa ukuhlalisana kwabantu eNingizimu Afrika ukuze kuqinisekiswe ukukhula kwesikhathi eside kule nhlangano. I-CCBSA ifuna ukuhlanganisa umoya wezwe futhi ibe inkampani yaseNingizimu Afrika eneqholo ngempela egxilise uguquko nokufakwa kwezomnotho emisebenzini yayo.