ISAZOQHUBEKA nokubhajwa imali yamakhasimende angaphezu kuka-250 000 ebhange Ithala njengoba sihlehlele isikhathi esingaziwa isicelo sokuba kuvalwe leli bhange.
Isicelo sokuba kuvalwe Ithala bekufanele silalelwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Kepha asibange sisalalelwa isicelo esifakwe uhlaka olungaphansi kweBhange loMbuso, i-Prudential Authority (PA), emva kwesinqumo esithathwe emhlanganweni kaMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji Thoba Portia Poyo-Dlwati, nabameli bezinhlaka ezithinteka odabeni.
Kulo mhlangano obungoLwesithathu, izinhlaka ezithintekayo zinikezwe isikhathi sokuba zifake amanye amaphepha.
I-PA iyalelwe ukuba ifake amaphepha aphendula abaphikisa isicelo sabo ngoFebhuwari 7.
Emva kwalokho kuyobe sekuba nomhlangano wazo zonke izinhlaka ezithintekayo, lapho kuzovunyelwana khona ngosuku lokuba kulalelwe isicelo se-PA.
Isicelo sokuba kuvalwe Ithala sidale utalatiya njengoba amakhasimende engakwazi ukukhipha noma ukufaka imali.
Nabasebenzi baseThala abaholile njengoba kujame yonke into ethinta leli bhange.
Ukujama kwezinto eThala kuphazamise izinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo nosomabhizinisi abancane.
Okhulumela inhlangano yabaphakela izikole KwaZulu-Natal, uMnuz Thabang Mncwabe, uthe kuzobalimaza kakhulu ukuhlehla kwecala.
Kulolu hlelo lokuphakelwa kwezikole kuhlomula abafundi abangaphezu kuka-2.4 million.
UMncwabe uthe iningi labantu abaphakela izikole basebenzisa Ithala.
“Cishe u-60% wabantu abaphakela izikole basebenzisa Ithala. Sekunezinyanga ezimbili kuya kwezintathu bengayitholi imali yabo ngenxa yesimo esiqhubeka eThala. Inkinga ukuthi abakwazi ngisho nokushintshela kwamanye amabhange ngoba banezivumelwano zoxhaso neThala. Izivumelwano zabo ziyabaphoqa ukuthi baqhubeke nokubhanga eThala.”
“Isimo sibi kosomabhizinisi njengoba kufanele baqhubeke nokuphakela izikole yize bengayitholi imali yabo. Uliqhuba kanjani ibhizinisi ungakhokhelwa? Le nto ibeka engcupheni osomabhizinisi.”
UMncwabe uthe bafuna ukuthi uhulumeni uqhamuke nohlelo lwesikhashana olufana nolwenzelwe abathola izibonelelo zikahulumeni, lokuthi osomabhizinisi ababhanga eThala bakwazi ukuthola imali yabo kwamanye amabhange.
Inyunyana yabasebenzi, i-Nehawu, ithe isicelo sokuba kuvalwe Ithala akufanele simise ukukhokhelwa kwabasebenzi.
Amalungu e-Nehawu abe nombhikisho emahhovisi eBhange loMbuso aseThekwini, lapho ememezele ukuba kuholelwe abasebenzi beThala.
UNobhala we-Nehawu esifundeni iTheku, uMnuz Prince Mthalane, uthe abasebenzi baseThala abakaze bayithole imiholo yabo okwakufanele bayithole ngoJanuwari 20.
Ukuhlehliswa kwesicelo kubhuntshise umbhikisho obuhlelwa amakhosi.
Amakhosi abehlele ukuba nombhikisho obuzoholwa izinduna zamabutho.
USihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Sifiso Shinga, uthe umbhikisho wabo usuzokuba ngosuku olusha lokulalelwa kwesicelo olusazonqunywa.
UShinga uthe abahambisani nokuthi kuvalwe Ithala.