KUGQUGQUZELWE osomabhizinisi ukuba bafake izicelo zemali yokuqala noma ukukhulisa amabhizinisi abo esikhwameni esibizwa ngeMasisizane Fund esibhekelele kakhulu amabhizinisi asemakhaya nasemalokishini.
Isikhulu esiphezulu seMasisizane Fund, uMnuz Ndumiso Zulu, sithe selokhu baqala ukusiza osomabhizinisi ngo-2007 ngoba bafuna ukuba yingxenye yokuthuthukiswa komnotho ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.
Uthe baxhasa amabhizinisi aphethwe ngabamnyama, abesifazane, abantu abasha nabantu abakhubazekile.
Amabhizinisi axhaswayo yilawo azoletha uguquko oluhle emakhaya nasemalokishini.
Wenze isibonelo sokuthi uma endaweni yangakini abantu behamba ibanga elide ukuyokwenza igilosa, ungacela uxhaso lokuletha isitolo segilosa, ubachazele ukuthi uzoyidayisela bani nokuthi uzoqasha abantu abangaki nokunye okusuke kuqukethwe ezinhlelweni zebhizinisini.
“IMasisizane Fund yasungulwa yu-Old Mutual kanti ayibaxini osomabhizinisi ukuba basheshe babuyise imali. Iyabalinda ukuthi benze inzuzo ngaphambi kokubakhokhisa imali ababolekwe yona. Uxhaso lwethu lufana nokuthi uboleka imali kodwa asinayo imicikilisho eminingi njengamabhange nezinye izikhungo ezibolekisa ngemali. Okwethu wukuqinisekisa ukuthi ibhizinisi liyawakha umqondo futhi lizongenisa imali,” kuchaza uZulu.
Uveze ukuthi imali ebolekwa osomabhizinisi iqala kuR250 000 iye kuR20 million kodwa kubhekwa izidingo zebhizinisi uma kukhishwa imali.
“Uma ufuna ukuletha isitolo segilosa ngakini, imali oyibolekwayo ngeke ilingane neyomuntu ofuna ukudayisa amakota esikoleni. Siye sibheke izidingo zebhizinisi bese sikhipha uxhaso oluzolekelela usomabhizinisi ukuba afeze izinhlelo zakhe,” kusho uZulu.
Uthe abadinga uxhaso bangavakashela u-https://www.oldmutual.co.za/business/solutions/masisizane/ balandele okushiwoyo ukuze bathole uxhaso.