UPHIKILE ufakazi kwelokubulawa kukanozinti weBafana Bafana, ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa, ukuthi akazange enze lutho ngesikhathi ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi, eveza ukuthi sekuphele izinsuku eziyisishiyagalombili engakaze avele enkantolo.
Ufakazi okuyiMantshi uVivian Cronje, uphoswe imibuzo ngu-Advocate Zandile Mshololo, ongummeli kammangalelwa wesihlanu uMnuz Fisokuhle Ntuli.
U-Adv Mshololo uthe uNtanzi wakuveza zisuka ukuthi waboshwa ngoJuni 16, 2020, kodwa kwaze kwashaya uJuni 24 abonana ngawo noCronje ukuzovuma icala engakaze avele enkantolo.
“Okusho ukuthi wayekhalaza ngokuboshwa ngendlela engafanele?” kubuza uMshololo.
UCronje uphendule wathi: “Kuyiqiniso, kwakungumuntu owaziyo amalungelo akhe, yikho wathinta ummeli wakhe.”
UMshololo utshele uCronje ukuthi akakhohlwe ingxoxo kaNtanzi nommmeli.
“Ngikhuluma ngawe, ukuthi wena kwathini kuwena uma ekutshela ukuthi selokhu aboshwa ngoJuni 16 waze wazobonana nawe ngomhlaka 24, engakaze aye enkantolo?” kubuza uMshololo.
“Ngangibona ukuthi kukhona okungahambanga kahle okwenzekile,” kuphendula uCronje.
UMshololo umbuze ukuthi wakubona kufanele ukuthi aqhubeke nohlelo lokumvumisa icala, ebe ekhalaza.
UCronje uthe akabonanga ukuthi kwaba nenkinga ukuthi aqhubeke ngoba uNtanzi wayehamba nommeli wakhe, wathi kwakungekho emandleni akhe ukuthi amkhulule kodwa wathi uma eseqedile, wazisa imantshi engaphezu kwakhe ngokuthi kukhona okungahambi kahle ngoNtanzi.
Kubuye kwethula ubufakazi owayengutolika uNksz Evelyn Tshepiso Motlhapeng, ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuvuma icala kukaNtanzi okuthiwa kwathatha amahora amathathu.
Uthe akuqaphela ukuthi uNtanzi wayefuna ukukhuluma ngoba kwathi esefundelwe amalungelo akhe okuthi unalo ilungelo lokuthula angasho lutho, wagcizelela ukuthi uyafuna ukukhuluma.
Omunye ufakazi ongene ebhokisini uLieutenant Colonel Nkosikhona Radebe, othe yena wahamba noMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, ongummangalelwa wokuqala ukuyokhomba endaweni yesigameko. Uthe uSibiya wathwetshulwa izithombe ezazikhombisa ukuthi akanazo izibazi zokushawa.
URadebe uveze ukuthi uSibiya wamlanda ezitokisini kanti wavulelwa ababesebenza kuzo. Uthe babezwana ngokolimi ngoba uSibiya ukhuluma isiZulu kanti naye ukhuluma sona njengoba engowokudabuka eNewcastle.
Ngokwabameli, uNtanzi washawa ukuze avume icala. Ngokobufakazi bombuso yibona abavuma icala lokubulala uMeyiwa.
Icala liyaqhubeka namuhla.