KUHLATSHWE ikhwelo emaqenjini angenele ukhetho lukazwelonke ukuthi ahloniphe isibopho asenzile sokuthi ukhetho luzoba nokuthula futhi luzobe lukhululekile.
Lokhu kuvele esitatimendeni somhlangano oyisipesheli weKhabhinethi, njengoba ngenyanga ezayo kunokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe ngoMeyi 29.
Okhulumela uhulumeni uNksz Nomonde Mnukwa, uthe konke sekumi ngomumo ngalolu khetho njengoba neKhomishini yezoKhetho ibisayinisa abaholi bamaqembu izibopho zokuthi ukhetho luzoba nokuthula nokukhululekile.
Uthe lesi sibopho kumele sihlonishwe njengoba sibeka imigomo okumele ilandelwe.
“IKhabhinethi inxusa abantu ukuthi baphume bayovota, nokuthi kuzoba nokuthula ngesikhathi sokhetho. Njengoba izwe ligubha iminyaka engu-30 lakhululeka, kubalulekile ukuthi abantu baphume bayovota bakhumbule ukhetho lokuqala lwango-1994.”
Khonamanjalo, i-IEC ithe isiwuqalile umsebenzi wokugaya amaphepha okuvota njengoba bengu-27.7 million abantu ababhalisele ukuvota.
Lesi yisibalo esikhulu sabantu abake babhalisa kuleli selokhu kwaqala ngo-1999, ukusebenzisa umqulu wokuvota.
Ikhomishini idalule embikweni wasePhalamende ukuthi inike amaqembu amelwe kule ndlu uR342 million onyakeni wezimali u-2022/2023.
Iveze ukuthi amaqembu amane awazange anikwe ingxenye yemali yawo ngoba awazange ahambisane nemigomo edingwa ngumthetho olawula ukuxhaswa kwamaqembu, iPolitical Party Funding Act.
La maqembu yi-African Independent Congress, Cope, NFP nePan Africanist Congress of Azania.
Umgomo wePolitical Party Funding Act, udinga ukuthi amaqembu adalule abawaxhasa ngemali uma sebenikele ngemali esuka kuR100 000 kuya phezulu.
Le mali kumele ayidalule ezinsukwini ezingu-30, enikelelwe.
I-IEC ibe isishicilela uhlu lwamaqembu anikelelwe kanjalo nabaxhasi.
Ikhomishini iveze ukuthi angu-537 amaqembu abhalisiwe kuleli. Angu-322 kuwo abhalise kuzwelonke kuthi angu-214, abhalise ezifundazweni.
Angu-167 kwangu-537 amelwe ePhalamende naseziShayamthetho.
Kuphinde kwavela ukuthi i-ANC iyona ethole imali eningi evela kwikhomishini njengoba ithole uR148 milllion. I-DA yona ithole uR62.7 million, kulandele i-EFF ngoR40.9 million, namanye amaqembu.
Kuzokhumbuleka ukuthi bangu-14 889 abazobanga izihlalo okhethweni ekubeni izihlalo zingu-887, ezihlanganisa ezingu-400 ePhalamende, kuthi ezinye ezaseziShayamthetho zezifundazwe.
Ikhomishini ivule iwindi lalabo abazobe besebenza noma bengekho lapho bevotela khona ngosuku lokhetho ukuthi bafake izicelo zokuvota ngokuyisipesheli.
Leli windi livalwa ngoMeyi 3. Kulolu khetho ngeke uvunyelwe ukuvota lapho ungahlali khona.
Ukuvota ngokuyisipesheli kuqala ngoMeyi 27 noMeyi 28.