UMLAWULI wesikhashana wesikhwama esixhasa izitshudeni ngemali yokufunda neyokuhlala ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), usehlabe ikhwelo komastende abaqashise izitshudeni ukuthi bangazixoshi lezo ezisakweleta imali ngoba bayalusebenza udaba lwazo.
UMnuz Freeman Nomvalo, usebathembise ukuthi izikhalazo zabo bahlela ukuzixazulula ungakashayi uJuni 18, 2024.
Uthe selokhu eqale umsebenzi kulesi sikhwama abanye babantu ahlangana nabo ababalulekile kubona omastende ngoba bahlalisa izitshudeni zabo.
“Ezinye zezikhalazo zabo yindaba yokuthi abakhokhelwa. Sibafakelile omastende imali yabo ngenyanga edlule kanti sizophinde sibakhokhele enye ingxenye yemali maphakathi noJuni. Yingakho ngibanxusa ukuthi labo abangakhokhelwe ukuthi bangazixoshi izitshudeni ezikweletayo. Siyaqinisekisa ukuthi bonke omastende siyabakhokhela ngoba asifuni kube nalabo abangayitholi imali yabo.”
Uthe isasebenza ne-email abangathumela kuyona baveze izikhao zabo.
“Bangathumela ku: [email protected]. Sicela kuthumele labo abakhalaza ngokungakhokhelwa.”
Uphinde wanxusa nezitshudeni ezifunda emakolishi amakhono amaTVET ezingenawo ama-akhawunti asemabhange ukuthi ziwavule ukuze kungabambezeleki ukukhokhelwa kwemihlomulo yazo.
Uthe imininingwane yasebhange kumele kube eyesitshudeni ukuze kufane yonke into uma sekuqhathaniswa ulwazi lwasemabhange.
Uphinde waxwayisa umphakathi kanjalo nalabo abagxeka umsebenzi osuwenziwe ukulungisa izinto kulesi sikhwama okwenzeka ezinkundleni zokuxhumana, ukuthi bapheze ukwenza lokhu.
Uveze ukuthi abanezikhalazo bangakwazi ukuxhumana naye ngqo.
“Sivuleleke kunoma ngubani ukuthi axhumane nathi uma enezikhalazo. Inhloso yethu sonke ukulungisa izinto ukuze izitshudeni zithole izimfanelo zazo.”