IJAJI uRatha Makgoatlheng elihlalele icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, lithimule lingabhemile ngobufakazi babamangalelwa, lathi buyadida futhi bulishiya nemibuzo. UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshuwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus ngo-2014.
Kuboshwe abalisa abahlanu okuthiwa yibona ababulala uMeyiwa bethengiwe. Abamangalelwa bayawaphika wonke amacala ababekwe wona, bathi amaphoyisa abaphoqa ukuvuma amacala. UMbuso umi ngezitatimende othi abasolwa bazibhala bazisayina bevuma amacala.
Phambilini, bekuhlala kuvela ukushayisana phakathi kwabamangalelwa nabameli babo uma kwethulwa ubufakazi. Uma bebuzwa abamangalelwa bethi, abazi akubuzwe abameli bazoziphendulela.
Abameli babamangalewa bafaka isicelo sokuthi zichithwe izitatimende ngoba amaphoyisa awenzanga kahle ngesikhathi zisayinwa. Ijaji nakuba lingakasikhiphi isinqumo ngalolu daba kodwa belilokhu liphawula, kuzwakala ukuthi liyakuthimula okuningi okushiwo abamangalelwa.
Umshushisi u-Advocate George Baloyi ubetasa nezethulo zoMbuso ngesikhathi ijaji lilokhu liphawula. Ijaji lithe kunezinto eziningi ezishiya imibuzo uma licubungula ubufakazi babamangalewa.
“Ummangalewa wesibili uthi wayevuvukele ezihlakaleni esikwe wozankosi. Uthi washawa wopha emlonyeni. Waya yini esibhedlela ngenxa yalokhu? Wawabikela yini amaphoyisa ngoba phela uthi isikibha sasinamabala egazi?” kubuza ijaji.
Ijaji lithe okunye okuxakayo wukuthi kunobufakazi bokuthi omunye wabamangalelwa washawa amaphoyisa egaraji eliphithizela abantu kwangaba ndaba zalutho.
“Igaraji liseduze komgwaqo futhi kunendawo edayisa okudliwayo ephithizelayo, kunezindawo zokuhlala nendawo yokwetha uphethroli negesi nabantu bayaphithiza. Amaphoyisa ayizilima, avele ashaya umuntu endaweni enjalo?” kubuza ijaji ebelibuye lizwakale ligquma samuntu oxakekile.
Liphinde lathi kunendawana lapho ummangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, ethi umphenyi uSergeant Vusimuzi Mogane, wayefika esiteshini angasebenzi kusona aphuce amaphoyisa umsebenzi alawule. Uthe konke lokhu akuvamile nje, kuyethusa uma kuthiwa kwenzeka ngoba kunendlela enemibandela enzima ngokusebenza esiteshini.
Umshushisi uBaloyi ucele inkantolo ukuthi ikuchithe okushiwo abamangalelwa bese yamukela izitatimende zabo njengobufakazi okufanele bubhekwe. Kulindeleke ukuthi uBaloyi asonge namuhla ekuseni bese kuyaqhutshekwa.