SIVALWE ngenkindlane yensini isigcawu secala lokufa kukaSenzo Meyiwa ngesikhathi iJaji uRatha Mokgoatlheng libhuqa ummeli, u-Advocate Thulani Mngomezulu, ngokugula kwakhe. UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014.
Bekuphekwa ngemibuzo umphenyi uBrigadier Bongani Gininda kanti icala ligcine lihlehlela uJanuwari 22, 2024.
UMngomezulu ungummeli wabamangalelwa owokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uBongani Ntanzi. Ubengaqali ukugula uMngomezulu njengoba nasekuqaleni kwenzeka kwaze kwaguqa icala.
Ekuqaleni wayebika ukuthi kukhona okumxina esifubeni, aze anqanyukelwe yizwi. Ujwayele ukubonakala ekhuluma elokhu ekhwehlela samuntu ogudluza okuthile emphinjeni.
UMngomezulu ubebonakala sengathi uyadideka ebuza imibuzo ebinhlanhlatha. Ubonakale ebamba eyeka ephambanisa amaphepha amanye ethi akasawaboni.
Ijaji lize lathi akuhlatshwe ikhefu ukuze uMngomezulu ahlele amaphepha. Kuthe kubuywa ekhefini sekulindeleke ukuthi aqhubeke uMngomezulu wabika ukugula.
“Nkosi yenkantolo ngibekele ozakwethu ukuthi angimuhle kahle empilweni, ngifisa ukuyobonana nabezempilo. Sixoxile kwavela ukuthi ngeke sisakwazi ukuqhubeka ngezinye izinsuku sekungaze kube wuJanuwari wonyaka ozayo,’’ kusho uMngomezulu.
UMngomezulu ufakazelwe wuMshushisi u-Advocate George Baloyi.
“Nkosi yenkantolo sixoxile ngase ngikhuluma nalabo abahlela uhlu lwamacala enkantolo. Kuyacaca ukuthi kufanele siliguqise icala sibuye ngawo uJanuwari. Ngixoxile nofakazi ngamchazela ngalolu daba,’’ kusho uBaloyi.
Ijaji libuze ukuthi ngabe udaba lubikiwe yini koyiphini likamengameli wamajaji? Ijaji libe selixolisa kufakazi lathi yisimo esingagwemeki lesi.
NgoLwesithathu, uMngomezulu ubekhononde ngokuthi ijaji libuye ligxambukele uma ebuza imibuzo. Kuthe selizosukuma ijaji izolo, lathi kuyacaca ukuthi uMngomezulu ubegula nangoLwesithathu.
“Mnumzane Mngomezulu uyabona ke ukuthi bengingagxambukeli emsebenzini wakho izolo, ubungaphathekile kahle empilweni! Cha, ungangiphenduli shiya kanjalo bengisho nje,’’ kusho ijaji.
Emuva kwalokho, bafa yinsini abantu enkantolo, uMngomezulu wezwakala ethi ubengenalutho ngoLwesithathu. Kukhona omunye ozwakale ehleka ethi, “Yeyi madoda, leli khehla leli!”