Ngabe ufuna ikusasa eliqhakazile? Woza e-Durban University of Technology (DUT), isikhungo esaziwa emhlabeni jikelele ngemfundo esezingeni eliphezulu, ukuqeqesha kwezobuchwepheshe, ucwaningo, ezamabhizinisi nokwenza izinto ngendlela ehlukile enobuhlakani.
Kwafuna ukufunda enyuvesi yekhethelo ngo-2025, iDUT iyona ehamba phambili. IDUT yisikhungo semfundo ephakeme esiKwaZulu-Natal, esinamakhephasi emfundo ayisikhombisa aseThekwini naseMgungundlovu. IDUT yasungulwa ngo-2002 emuva kokuhlanganiswa kwe-ML Sultan ne-Technikon Natal, le nyuvesi inezigaba zemfundo ezahlukene okubalwa eze-Accounting and Informatics, Applied Sciences, anagement Sciences, Engineering and the Built Environment, Health Sciences, neze-Arts and Design. Kunezinhlaka zocwaningo eziwu-20 okugxilwa kuzona, ngalolu cwaningo iDUT izibophezele ekuthuthukiseni ubuchwepheshe besimanje ibuye ixazulule izingqinamba ezibhekene nomhlaba. Impumelelo ye-DUT ayithinti kuphela ezemfundo kodwa kuthuthukiswa izitshudeni ngayo yonke indlela, lapha kubalwa nakwezamabhizinisi.Uphiko lwe-Management Sciences lunesikole samabhizinisi esibizwa nge-DUT Business School,okuyisona esigxile ezifundweni zamabhizinisi ezihlomisa izitshudeni ngamakhono ebhizinisi aletha uguquko lwezomnotho oluhle emphakathini. Lezi zifundo zigunyazwe yi-Council for Higher Education (CHE). Lesi sikhungo esibuye sibe yilungu le-South African Business School Association (SABSA), sithembisa izifundo ezihlukile zebhizinisi, ezikhiqiza abaholi abazokwazi ukuxazulula izinkinga ezenzeka emhlabeni.
Emithanjeni ye-DUT kuhamba phambili uhlelo lwayo olushintsha ezemfundo olubizwa nge-ENVISION2030, olwasungulwa ngo-2020. Lolu hlelo lugxile kwizisekelo zokwenza izinto ngokuthembeka, ukungafihli lutho, inhlonipho, ukuziphendulela, ukungenzeleli, ukuzinikela, ukusebenza ngokuzikhandla, ukusebenza ngendlela eyamukelekile, nokuba nozwelo. Konke lokhu kuyisisekelo salesi sikhungo. Ngaphezu kwalokho uhlelo lwe-ENVISION2030 luyisitatimende sokuzibophezela ukuthi iDUT iyohlezi inakekela umphakathi, iza namasu amasha okwenza izinto, ithuthukisa osomabhizinisi futhi ihambisana nalokho okwenzeka emhlabeni jikelele. Lesi sitatimende sisho ukuthi iDUT izohamba phambili ekuthuthukiseni izwe nomhlaba. Iyakholelwa ekwakheni ingqalasizinda ehamba phambili kwezemfundo nakuyo yonke imikhakha esebenza kuyona. Lokhu kusho ukuthi uhlelo lwe-ENVISION2030 lunenjongo yokuthuthukisa impilo yabantu ngayo yonke indlela.
Isiqubulo senyuvesi esithi– “CREATIVE. DISTINCTIVE. IMPACTFUL.” –sithembisa izitshudeni imfundo nentuthuko kuyo yonke impilo yazo. Labo abafuna ulwazi, abomele ukuqeqeshwa kwezobuchwepheshe namabhizinisi bazothola usizo eDUT. Akusona isikhungo semfundo ephakeme kuphela kodwa yisikhungo somphakathi esenza izinto ngendlela ehlukile kwezobuchwepheshe, nezamabhizinisi. Phezu kwakho konke lokhu sithuthukisa izitshudeni ukuze zithi uma ziphuma zibe namagalelo abonakalayo emhlabeni.
Kulabo abanobizo lwamabhizinisi, iDUT inesikhungo esibizwa nge-innobiz DUT Centre for Entrepreneurship and Innovation. Lesi sikhungo siqeqesha izitshudeni ngolwazi lomsebenzi, zifunde kabanzi ngemikhakha yamabhizinisi ukuze zithi uma ziphuma zikwazi ukuzivulela amabhizinisi azo, azoxazulula izinkinga zomphakathi. Yenza iDUT inyuvesi yakho ekhethekile ukuze uqale imfundo ehlukile, ezokuhlomisa ngolwazi oludingayo, ukwazi ukuba neqhaza elibalulekile emhlabeni. Yiba namaphupho amakhulu, khetha iDUT njengekhaya lakho lezemfundo. Sezivuliwe izikhala zezifundo ze-undergraduate ne-postgraduate,kulabo abafuna ukufunda izifundo ezihlukene ezizobasiza ukuphumelela.
Ngolwazi oluphelele ngezifundo zaseDUT, okudingekayo uma uzobhalisa nokufakwa kwezicelo ungavakashela u-www.dut.ac.za (https://www.dut.ac.za/)
DUT ENVISION2030… CREATIVE. DISTINCTIVE. IMPACTFUL.