IZITSHUDENI zisamukele isinyathelo sesikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), sokunyusa imali yokudla.
Lesi sikhwama simemezele ukuthi sizonyusa imali ngo-10%.Okhulumela iNSFAS, uNksz Maduvha Maseda, uthe le mali izonyuswa iqale kusuka ekuqaleni kwalo nyaka.
Uthe lokhu kulandela isiphakamiso esenziwa yizinhlangano okubalwa kuzo neSAUS mayelana nokunyuswa kwale mali.
“UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, uyahambisana nalesi siphakamiso. Le mali inyuka nje, sekuphele iminyaka emithathu inganyuki ekubeni izinto zinyuka njalo.”
Isuse imibhikisho kwezinye izikhungo indaba yokunganyuki kwale mali.Okhulumela iSAUS, u-Asive Dlanjwa, uthe baphakamisa ukuthi inyuswe imali yokudla ngoba izitshudeni zidonsa kanzima.
Uthe baya kozazisa izitshudeni ngokuthi bamatasa nokuthi kulungiswe le nkinga ngoba bese kunesikhathi imali inganyuki.
“Siyajabula ukuthi ekugcineni isikhalo sethu sizwakele ngoba imali izonyuswa ngo-10%. Le mali kumele isheshe ingene ukuze izitshudeni zikwazi ukufeza izidingo.”
UMengameli weSasco, uVezinhlanhla Simelane, uthe bayasamukela isinyathelo sokunyusa le mali.
Uthe lesi siphakamiso senziwa nayinhlangano emele izitshudeni zasemakolishi amakhono, iSATVETSA.
“Sibongela iSAUS neSATVETSA ngokuqhubeka zilwele izitshudeni. Besikhala ngokuthi le mali kumele inyuswe ngoba amandla emali anyuka njalo. Sizoqhubeka sibheke ukuthi ngempela le mali iyangena. Sinxusa nabaholi bezitshudeni ukuthi bahlale beqaphile futhi bevule izindlebe balalele izikhalazo zezitshudeni.”
Imali yokudla izonyuka isuka kuR15 750 iye kuR16 500 ngonyaka.