ICIKO lamahubo uMbuso Khoza, livukwe wusinga ngempi yaseSandlwana, lanquma ukunqamula ngezinyawo lisuka eShowe, lize liyofika kuyo enquthu, entabeni yodumo lapho kwanqoba kuyona uZulu.
UKhoza uzobe enqamula ngezinyawo okwesibili, wakwenza nango-2022 kanti inhloso yakhe enkulu ukuqhakambisa nokufundisa ngomlando wempi yaseSandlwana.
Umlando uveza ukuthi amabutho eSilo uCetshwayo kaMpande, anqoba amaNgisi empini eyaqala ngoJanuwari 22, 1879 entabeni iSandlwana, eNquthu.
Akhona amaqhawe kaZulu ahlonishwayo asala enkundleni ngesikhathi zitholene phezulu.
UKhoza uthe impi yaseSandlwana, isondele kakhulu kuyena ngoba kwakukhona neqhawe lakubo uTshingwayo kaMahole Khoza, owagqama kakhulu ehola amabutho. Uthe konke sekumi ngomumo ngohambo futhi kuzobe kunabantu abaningi abazoba yingxenye.
"Uhambo luzoba esontweni lesithathu lenyanga esikuyona, sizoqala eShowe, lapho okwakhothamela khona iSilo uCetshwayo, sidlulele edlinzeni laso eNkandla, bese siya oNdini lapho okuzophuma khona umkhumbi wempi," kusho uKhoza.
Uthe kulindeleke inqwaba yabantu bemikhakha ehlukene kubalwa abaculi nabafundi abazoncela ulwazi. Uthe kuzophinde kwembulwe imifuziselo yamaqhawe ayekhona empini.
Ngaphandle kohambo lukaKhoza, uhulumeni neNdlunkulu bajwayele ukwenza umcimbi wesikhumbuzo sempi yaseSandlwana, waminyaka yonke. Uhulumeni waKwaZulu-Natal usanda kumemezela ukuthi nakulo nyaka uzoweseka umgubho waseSandlwana.
Kuvamisile ukuthi iSilo sethule inkulumo emcimbini waminyaka yonke uma kunesikhumbuzo sempi yaseSandlwana.
Kulo nyaka kuzobe kuphela iminyaka ewu-144 kwaliwa impi yaseSandlwana.
Umgubho ujwayele ukusetshenziselwa ukugxilisa ukubuyisana phakathi kwamaNgisi naMaZulu, njengezinhlangothi ezatholana empini.