ISILO uZwelithini kaBhekuzulu esingasekho noma sesilele kobandayo kodwa abaningi bazosikhumbula ngokungananazi uma sikhuluma sisho lokho okusenhliziyweni yaso.
Kukaningi lapho iSilo esasithi uma singaphathekile kahle sikuveze lokho esidlangaleni, sixwayise nalabo abasuke besikhubile.
ISilo besinganqeni ukuvuka ngolaka sithethe sibhanqe konke nezikhulu zikahulumeni kungabi ndaba zalutho.
Abaningi bayayikhumbula namanje inkulumo kaBhejane ekhala ngokwethulwa kwezifundo zocansi ezikoleni ethi akaboni ukuthi kuzoba wumqondo omuhle.
“Bazozifundisa lento bese zithi izingane ake sikwenze kuwe lokhu, zizobamba othisha besilisa zibambe othisha besifazane, uma wena unomkakho olaphaya uyothanda yini uma kuthiwa umkakho usebhe**** yizingane.”
“Ngeke zibayeke zizobabamba, sengiqalile ukuxhumana nezinhlaka zobukhosi nezemfundo ukuze esikwethulayo kube wumnikelo ohlelweni lwezemfundo,’’ kusho iSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Uke wazwakala ekhala kakhulu ngemibiko yokuthi kukhona abafisa ukuthatha umhlaba kaZulu.
“Kukhona abantu lapha ngaphandle abaphambanisa ukuhlonipha kwami nobuthutha, njengenkosi yenu ngiyabahlonipha abanye abantu ngezigaba zabo njengokwesiko nalapha KwaZulu ngikhuliswe ngakho lokhu kuhlonipha abantu.”
“Yingakho nginokusebenza okuhle nohulumeni wesifundazwe,’’ kusho iMbube yaqhubeka khona lapho yakhala ngodaba lomhlaba nohulumeni.
“Ngiyamangala uma abanye engibahloniphayo sebekhuphuka ngengalo. Nginayo impendulo njalo mina futhi iyashesha.”
“Ngizwe ukuthi kukhona abahlanganise ngokujutshwa wumengameli, sengizwa sekuthiwa kunombiko owumfudumezo wentimbothi ebishiwo wuMotlanthe. Ngibe sengibhalela umengameli uRamaphosa,’’ kusho uBayede omdala.
UBayede wanconywa kakhulu ngokuqoqa uZulu wonke enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ezokhuza ukuhlaselwa kwabokufika. Kwakusasabalele ukuthi iSilo sasiphake impi kwabokufika kodwa sona sakuchitha lokhu.
“Namhlanje nginibize lapha ngoba ngifuna ukuphaka impi yangempela nedingekayo manje.”
“Akuyona le eniyijahile, le mpi ngeyokuvikela wonke umuntu wokufika okhona kuleli kungakhathaleki ukuthi uvela kuliphi izwe,’’ kusho iSilo sikhuluma nezinkumbi zabantu,” kusho uMdlokombane.
ISilo sake sakhuluma ngezinsuku zaso emhlabeni samuntu owayebona ukuthi sekusondele ukuhamba kwakhe.
“Ngonyaka ozayo ngiqeda amashumi amahlanu ngihleli esihlaweni seLembe nesafungelwa nguZulu emandulo uma uNkulunkulu ethandile ngoba konke kwenzeka ngentando yakhe.”
“Nakuba ngisaphila kuyintando kaNkulunkulu noma kukhona abathi ukuphila kwami kuyinkinga kodwa angikwazi ukwenza okunye uNkulunkulu anganginikanga khona,’’ kusho uBayede.