I-SHOPRITE ithi kuphutshuke imininingwane yamakhasimende ayo afaka imali, ikakhulukazi afaka imali eSwatini, Namibia naseZambia.
Ithe amakhasimende athintekayo azothunyelelwa ama-sms ngezinombolo ayezishiyile ngesikhathi ezofaka imali.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, iShoprite ithe isiqale uphenyo ngokwenzekile futhi isilande izazi ezibhekelela ukuphepha kwemininingwane nezinye izazi ukuze kutholakale umnyombo wokwenzekile.
Bathe sebeqinise ezophuphepha ukuze basheshe babone uma kukhona abafuna ukukhwabanisa. Lokhu bathe bakwenzela ukuvikela imininingwane yamakhasimende abo nokuthi basheshe bavalele ngaphandle izigangi ezizama ukusondela emininingwaneni yabantu.
Imininingwane eputshukile kubalwa amagama abantu nezinombolo zabo zomazisi.
AbakwaShoprite bathe ayikho imininingwane ethinta imali noma ama-akhawunti asebhange eputshukile.
Babuye baveza ukuthi sebemazisile umlawuli wemininingwane eNingizimu Afrika ngokwenzekile.
Bathe uphenyo lwabo luyaqhubeka, okwamanje bezingakabi khona izigameko zokusetshenziswa budlabha kwemininingwane eputshukile.
Bacele abantu ukuthi bangalokothi bakhiphe izinamba zabo aziyimfihlo okungaba ama-password, ama-pin nokunye okungase kucelwe ngabathile ocingweni, nge-sms noma kwi-email.
Bagqugquzele abantu ukuthi bahlale ngokushintsha ama-password futhi bangawadaluli kwabanye.
Bacele amakhasimende asezindaweni zithintekayo ukuthi uma ebona okusolisayo abikele iShoprite Group noma amaphoyisa ngokushesha.
Baphethe ngokuxolisa kubo bonke abathintekile ngokwenzekile, bathi amakhasimende anemibuzo angashayela u-0800 01 07 09 noma athumele i-email: consumer@shoprite.co.za.