ISIKHWAMA esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), sesigxeke isehlakalo sokuvalelwa kwezisebenzi zalesi sikhwama ngaphandle kwemvume yazo, ngesikhathi ziyoxazulula izinkinga ezithinta izindawo zokuhlala izitshudeni eNyuvesi yaseZululand, oNgoye.
Lesi sehlakalo kuthiwa senzeke ngoLwesihlanu, kulesi sikhungo lapho lezi zithunywa zigcine sezisatshiswa.
Okhulumela isikhwama, uMnuz Ishmael Mnisi, uthe lesi sehlakalo senzeke emuva kokuba kube nomhlangano wohlaka oluthinta izindawo zokuhlala kulesi sikhwama, elalihlangane nabahlinzeka ngezindawo zokuhlala abazimele kanjalo nezikhulu zenyuvesi ngoLwesibili odlule, kubhungwa mayelana nokukhokhelwa kwalezi zindawo.
Uthe kulo mhlangano kwavunyelwana ngokuthi kujutshwe ithimba lesikhwama ukuze lifake isandla ohlelweni lokuthi kufakwe izitshudeni ohlelweni lweNSFAS ukuze kukwazi ukuthi kukhokhelwe abanikazi balezi zindawo.
“I-NSFAS isacubungula eyokuthathela izinyathelo abahlinzeka ngezindawo zokuhlala, ababeyingxenye yalesi sehlakalo sasoNgoye. Sihlaba nekhwelo lokuthi izikhungo zemfundo kungaba amanyuvesi noma amakolishi amakhono ama-TVET, ukuthi ziqinisekise ukuthi lezo zitshudeni ezingakangeni ngaphansi kohlelo lweNSFAS, zisheshe zifakwe ukuze zikwazi ukukhokhelwa.”
Uthe uma kunokubambezeleka ngeke zisheshe zithole imihlomulo yazo yezindawo zokuhlala.
“Abanikazi bezindawo zokuhlala kumele baqikelele ukuthi izinkontileka okumele zisayinwe izitshudeni ezithinta lezi zindawo, ziyazisayina ngokushesha.
UMnisi uthe baqale ukukhokha imihlomulo yezindawo zokuhlala yezitshudeni ezihlala emakolishi amakhono ngeledlule.
Usho lokhu nje, kuke kwaba nezikhalazo kwizitshudeni ezihlala emakolishi ahlukene ezixoshwe abanikazi bezindawo zokuhlala ngoba lesi sikhwama singakhokhile kuze kube yimanje.
Lezi zitshudeni bezikhala ngokuthi azazi ukuthi zizoshonaphi njengoba bezikhishwa nasebusuku, zigcina sezilala endle.
Ugxeke nezinsolo zenkohlakalo zokusebenzisana phakathi kwezitshudeni, abahlinzeka ngezindawo zokuhlala, abasebenzi bezikhungo kanjalo nabahola izitshudeni.
"Ngeke siyibekezelele inkohlakalo kanti sizophenya zonke izinsolo ezikhona. Sizophenya ezikhungweni ngoba asifuni kube nokuxhashazwa kwezitshudeni.“
Unxuse abangaba nolwazi ngenkohlakalo ukuthi babike ku:Vuvuzela, kwinombolo ethi: 0860 247 653. Bangathumela no-Call Back ku: 30916.
Ukhumbuze abahlinzeka ngezindawo zokuhlala ukuthi uma ziqhele ngo-5km kuya phansi kumele bahlinzeke izitshudeni ngezinto zokuzithwala ziye ezikhungweni noma sezibuya.
Ubalule nokuthi kumele baqinisekise nokuthi lezi zindawo ziphephile.