ISIKHWAMA esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), siyalele izitshudeni zasemakolishi amakhono ukuthi zivule ama-akhawunti asebhange ukuze zithole imihlomulo yazo.
Lesi sikhwana sithe lezi zitshudeni zingavula ama-akhawunti kunoma iliphi ibhange.
Umlawuli wesikhashana weNSFAS, uMnuz Freeman Nomvalo, ngeledlule, uhlangane nenhlangano yezitshudeni zasemakolishi ama-TVET, ngenxa yokwanda kwezehlakalo zokungenami ngokungakhokhwa kwemihlomulo.
“Umhlangano ubumayelana nokubambezeleka ekukhokhweni kwemihlomulo nokunyamalala kwemali kuma-akhawunti ezitshudeni. Kulo mhlangano izitshudeni zikhale ngohlelo lokusatshalaliswa kwemihlomulo,” kusho iNSFAS.
Lesi sikhwama sithe sesiqhamuke nohlelo oluzobhekana nalezi zinkinga kulabo abazothola imihlomulo yabo ekupheleni kwenyanga ezayo.
“I-NSFAS ihlela ukuthumela ngqo imali kuma-akhawunti ezitshudeni. Yingakho kubalulekile ukuthi izitshudeni zibe nama-akhawunti anoma iliphi ibhange.”
Lesi sikhwama sithe sizoxhumana nabathola uxhaso sibanxenxe ukuthi balethe ulwazi lwabo ukuze imali ingene ngqo kubona.
“Siyazi ngokubambezeleka ekutheni izitshudeni zithole imihlomulo yazo kule nyanga. Sijube ithimba lezikhulu zalesi sikhwama ezikhungweni ezehlukene ukuze ziyoxazulula lezi zinkinga.”
Lokhu kwenzelwa ukuthi kuqala uhlelo olusha lokufakwa ngqo kwemali kuma-akhawunti ezitshudeni zibe sezixazululekile izinkinga ezivele zikhona.
Abalesi sikhwama baveze ukuthi bayazilungisa nezinkinga ezibhekene nezitshudeni zasemanyuvesi.
“Okwamanje uhlelo lokukhokhela ngqo izitshudeni kuma-akhawunti azo lokuqala kwezasemakolishi kuphela. Izitshudeni zasemanyuvesi zizoqhubeka nokuthola imihlomulo yazo ezikhungweni, kuze kube uJulayi nonyaka.”
I-NSFAS ithe izobeka izitshudeni phambili uma isinquma ngabazothola uxhaso.
Kwenzeka lokhu nje, kwezinye izikhungo ziyaqonga izinkinga zezitshudeni ezikhala ngokucotha kohlelo lokukhokhwa kwemihlomulo
Kwezinye izikhungo kuqubuke imibhikisho yezitshudeni ezikhala esifanayo.
Ezinye zazo zikhala ngokuthi zikhishwa omastende eziqashe kubona ngenxa yokungakhokhi kwalesi sikhwama.
Uphenyo lwenkampani yabameli eyayijutshwe yiNSFAS lwaphakamisa ukuthi kuchithwe izinkampani ezine ebezikhokha imihlomulo yezitshudeni.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, ujube uNomvalo ukuthi alungise izinto kulesi sikhwama, ikakhulu uhlelo lokukhokhwa kwemihlomulo izitshudeni ezikhala ngalo.
Wamyalela ukuthi abike njalo kuyena ngokwenzekayo kulesi sikhwama.