IQEMBU uMkhonto weSizwe (MK), ligabe ngezincwadi zikaMnuz Jabulani Khumalo azibhala ngo-Ephreli edlulisela amandla kowayengumengameli uJacob Zuma neye-IEC ecacisa ngobuholi.
UZuma ngoDisemba nyakenye wamemezela ukuthi uzokweseka iMK okhethweni oluzoba ngasekupheleni kwenyanga lapho okulindeleke ukuthi zidlane khona imilala.
UKhumalo owabhalisa iqembu nosexoshiwe eqenjini, ubhalele i-IEC eyicela ukuba ihoxise uZuma njengomholi weqembu. UKhumalo ubuye wabhalela uZuma emazisa ukuthi umisiwe eqenjini ngenxa yokungaziphathi kahle.
Abe-IEC bakhiphe isitatimende bephendula indaba yencwadi kaKhumalo bevuma ukuthi bayitholile. I-IEC ithe ayingeni odabeni lweqembu yona, imile ekutheni uZuma wuyena umholi kusukela ngo-Ephreli 9 nonyaka.
“I-IEC iyafisa ukugcizelela ukuthi ayingeni ezindabeni zamaqembu zangaphakathi. Iqembu lithatha imiyalelo yomholi weqembu osuke ebhaliswe phansi. Okwamanje uMnuz Jacob Zuma wuyena umholi kusukela ngo-Ephreli,’’
IMK ngenyanga edlule imemezele ukuxoshwa kukaKhumalo eqenjini yathi yisinqumo esithathwe yizikhulu eziphezulu eqenjini. Izolo ekuseni kuvukwe ngezindaba zokuthi uKhumalo umise uZuma eqenjini wabhalela ne-IEC eyicela ukuba imsuse.
Okhulumela iMK uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe phansi amaphaphu kubalandeli beqembu akonakele lutho. Uthe isinyathelo sikaKhumalo asithi shu eqenjini.
Ngaphambi kwalokho kukhishwe izitatimende, esophiko lwentsha yeMK nesophiko lwayo lwezitshudeni bonke bechitha uKhumalo.
Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe konke lokhu okwenzekayo kungaba kabili ngokomthelela eqenjini nokwethenjwa kwalo.
“ Izinkinga eqenjini elisha zidala ungabazane kodwa kulokhu kungabuye kubasize ngoba njengamanje uZuma neqembu bavela njengabantu abacindezelwayo. Okunye wukuthi uma ubuka izinsolo ezibhekiswe kuKhumalo zimbi, iMK ingabukeka njengeqembu elingazwani nento ebhedayo,’’ kusho uMngomezulu.
Uthe nakuba ibhekana nezinkinga iMK kodwa futhi kukhulunywa ngayo kakhulu nokuyinto eyenza idume.
Kwenzeka konke lokhu nje kulindeleke ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ilalele udaba oluphakathi kwe-IEC neMK lapho okubangwa khona ukuya kukaZuma ePhalamende.
I-IEC yanquma ukuthi uZuma akafanelwe wukuya ePhalamende ngenxa yokuthi walahlwa yicala wagwetshwa izinyanga ezingu-15. UZuma wahambisa udaba enkantolo, yavuna yena kodwa abe-IEC balwedlulisa bengagculisekile.