UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthembise ukuthi umnotho waKwaZulu-Natal uzovuka ngaphansi kukahulumeni omusha ophethe isifundazwe.
UNtuli ukusho lokhu ngesikhathi ethula umhlahlandlela kahulumeni omusha, esiShayamthetho eMgungundlovu, izolo. Uthe uhulumeni wokubambisana ukubeke emahlombe awo ukwakha kabusha umnotho esifundazweni okhinyabezwe wukubheduka kobhubhane iCorona, izibhelu zikaJulayi 2021, nezikhukhula.
UNtuli uthe uhulumeni wokubambisana owakhiwe i-IFP, ANC, DA ne-NFP, uhlalelwe umsebenzi ophuthumayo wokuthuthukisa umnotho.
“Emhlanganweni wekhabhinethi, i-lekgotla, savumelana ngokuthi kufanele sikhombe indlela siphinde sididiyele ukwakhiwa kabusha komnotho wesifundazwe.”
UNtuli uthe umnotho waKwaZulu-Natal ukhula kancane uma uqhathaniswa nokukhula kwesibalo sabantu, wathi lesi simo sishaya kakhulu intsha nezingane.
Uthe ezinsukwini ezingu-100 ezizayo bazogxila ekuthuthukiseni umnotho, okubalwa umnotho wasemalokishini nowasemakhaya.
“Umnotho wasemalokishini nowasemakhaya ubalulekile. Angeke kulunge ukuthi abantu basemalokishini nabasemakhaya baphucwe amathuba omnotho. Ezolimo zizobamba iqhaza elibalulekile ekuthuthukiseni umnotho wasezindaweni zasemakhaya. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi ubukhosi bubamba iqhaza elibalulekile ekuthuthukiseni umnotho wasezindaweni zasemakhaya.”
UNtuli uthe bazoyifakela izibuko indaba yezitolo eziphethwe abokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli.
“Siyakuqaphela belu ukuthi abanye babo abanezimvume zokuba kuleli abayilandeli imithetho yezempilo neyezokuphepha elawula ukugcinwa kwempahla. Abanye babo badayisa ukudla okubolile. Ezinyangeni ezintathu ezizayo sizokwenza izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imithetho iyalandelwa.”
UNtuli uthe ngaphansi kukahulumeni omusha inkohlakalo angeke ibekezelelwe.
“Ngithi angikucacise ukuthi uhulumeni angeke uyibekezelele inkohlakalo, sizokwenza isiqiniseko sokuthi bathathelwa izinyathelo labo abephula imithetho. Sifuna ukuthi yonke iminyango kahulumeni ilwele ukuthola imibiko yomcwaningi mabhuku engenalo ichashaza. Lena akuyona into ekufanele siyibange.”
UNtuli umemezele inombolo yamahhala yokumpimpa abenza inkohlakalo ethi 080 122 9040, ne-email ethi [email protected].
“Ngifisa ukuthi izakhamuzi zingathuli uma zibona inkohlakalo, nginxusa ukuthi ziyibike.”
UNtuli uthe bazokulwa nobelelesi obudlangile esifundazweni athe buphazamisa ukukhula komnotho nozinzo.
Uthe maduze kuzokuba nezimbizo zokubhunga ngobugebengu kuzo zonke izifunda.
Uthe bazolwa nodlame lwezobulili athe ludla lubi eNanda, Mlaza naseMpangeni.
UNtuli uthe osomabhizinisi abaphazamisa izinhlelo zentuthuko bazoyikhotha imbenge yomile.
UNtuli uthembise ukwenza ngcono ezemfundo, ezempilo nokusiza abakhahlamezwa izikhukhula.
Uphinde wamemezela ukuthi uhulumeni uzovula umfuziselo weSilo saKwaDukuza osesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport.
Lo mcimbi kade wawumenyezelwa kodwa ubuye uhlehliswe.
Inkulumo kaNtuli ibihanjelwe yiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uNdlunkulu Nomzamo Myeni, abaNtwana basendlunkulu, inkosikazi kaNtuli uSindiswa MaSibisi Ntuli, nezikhulu zikahulumeni.