BABHEKENE nengwadla abafundi baKwaZulu-Natal, abashoda ngezikole kanjalo nangengqalasizinda njengoba lesi sifundazwe sikwezintula kakhulu.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube izolo, othe i-KZN nesifundazwe i-Eastern Cape yizona ezintula kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye.
Uveze ukuthi ukuphundlwa kwesabelomali soMnyango wezeMfundo yikona okudale lezi zinkinga.
"I-EC neKZN yizona zifundazwe ezintula kakhulu izikole nengqalasizinda kuleli. Ukuphundlwa kwesabelomali minyaka yonke kwenza singakwazi ukulungisa izikole nokuzihlinzeka ngengqalasizinda edingekayo. Sidinga u-R129 billion wokubhekana nenkinga yengqalasizinda ezikoleni zethu," kusho uNksz Gwarube ethula umbiko wengqalasizinda eNdlwini yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende.
Uthe zikhula minyaka yonke izidingo emnyangweni ekubeni imali yehla kanti lokhu kwenza ukuthi kumiswe ezinye izinhlelo.
Uchazele amalungu ngebanga elihanjiwe ukuqeda ngezindlu zangasese zomgodi ezikoleni.
"Sesiqede u-93% wezindlu zangasese zomgodi ezikoleni zakuleli. Kusele u-7% ukuthi siqede ngawo njengoba zazingu-3 372 phambilini. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi abafundi bazikhulula ngokukhululeka. Kwezinye izindawo sinenkinga yamanzi, okuyinkinga enkulu ngoba noma kuthiwa izindlu zangasese ezishaywayo zikhona, kodwa zingagcina zingasasebenzi ngenxa yokuthi awekho amanzi endaweni okwakhiwe kuyona isikole," kusho uNksz Gwarube.
Ukhale nangokugqekezwa kwezikole zicekelwe phansi wathi lokhu kubabuyisela emuva ngoba kudingeka baphinde bakhiphe imali sebezilungisa.
"Siyaludinga lonke usizo oluvela kwabazonikela njengoba sinenkinga yokushoda kwemali. Sishodelwa ifenisha engu-2 million ezikoleni zethu ngakho usizo lwama-deski agoqwayo, esike sagxekwa ngawo luzosisiza kakhulu. Ngiye kwesinye isikole, ngaphatheka kabi ngifica abafundi abane bempintshene edeskini elilodwa. Akufundeki kahle uma nimpintshene edeskini elilodwa."
Uthe bayayibuyekeza neyesibalo sabafundi emakilasini njengoba kwamanye kugcwele kakhulu.
Uveze nezibalo zezikole esezakhiwe athe zingu-705, wathi zingu-7 500 ezinamanzi kanti ezingu-1 446 zifakwe ugesi.
Uveze nokuthi ezingu-2 852 zibiyelwe, ezingu-38 ziphuculwe izindawo zokuhlala abafundi.
"Kusenezinselelo kwezinye izikole njengoba ezingu-3 677 zingakhiwe ngendlela, ezingu-8 265 zidinga ukwengezelwa amakilasi, ezingu-6 319 azinawo amanzi," usho kanje.
I-DA income uNksz Gwarube ngemizamo yakhe yokuqeda ngezindlu zangasese zomgodi nakuba kusekhona eziyingcosana ezisasele.