KHETHA SANGWENI
IZOHLALA ezinyangeni ezimbalwa ingqungquthela ye-IFP yemigomo eyingxenye yokuzicijela ukhetho lukazwelonke olubhekwe ngabomvu ngonyaka ozayo.
Abaholi be-IFP badalule lokhu esithangamini sabezindaba emahhovisi eqembu eThekwini kuleli sonto.
Kulindeleke ukuthi zidlane imilala okhethweni ngonyaka ozayo futhi amaqembu amaningi aseqalile ukuzihlela kahle. Izwe ligcine ukuya okhethweni lukazwelonke ngo-2019 kanti uhulumeni owakhethwa lapho uzophelelwa yisikhathi ngoMeyi wonyaka ozayo.
Okhulumela iqembu kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ubehambisana nonobhala-jikelele, uMnuz Siphosethu Ngcobo nabanye abaholi.
Bekukhona noMnuz Joshua Mazibuko wesigungu esiphezulu seqembu, uMnuz Phila Magcaba, umgqugquzeli kuzwelonke noMnuz Mfanje Mbango osehhovisi leqembu.
UHlengwa uthe asevele aqalile amalungiselelo okhetho futhi bazohlalisa ingqungquthela yemigomo.
“Sicabanga ukuthi ingqungquthela ingase ibe phakathi kuka-Agasti noSepthemba kulo nyaka kodwa sisalinde umbiko kanobhala esizowuthola ngoJuni.
“Sizomemezela kahle uma konke sekumi ngomumo kodwa akukho okutheni, sizochibiyela izinto ezimbalwa,” kusho uHlengwa.
Uthe sebeqalile ukucija izinhlaka zeqembu emazingeni ehlukene ukuze zime ngomumo ukusebenza maqondana nokhetho. UHlengwa uthinte indaba yemibiko yoqhekeko eqenjini wathi babumbene futhi bayiqembu elinezindaba zalo zezepolitiki kodwa abanazo izinkinga ngaphakathi.
UHlengwa uthe kukhona abantu abathanda ukukhuluma izinto ezikhomba ukuqhatha umsunguli weqembu nomengameli, uMnuz Velenkosini Hlabisa.
Unobhala-jikelele uNgcobo, ukugcizelele ukuthi basamile ekutheni bazosebenzisa ubuso bomsunguli weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi ezikibheni zeqembu. UNgcobo uthe basalusebenza udaba lwalabo abatholakale besebenzisa ezinye izikibha kodwa akekho osaqondiswe ubugwegwe.
UNgcobo akakufihlanga ukuthi i-IFP izimisele ngokuthatha isifundazwe iKwaZulu-Natal futhi uthe ukuwina ukhetho lokuchibiyela njalo, kuyizinkomba zokuthi benza kahle kakhulu. Uthe bayezwa kuthiwa bayiqembu lesifundazwe KwaZulu-natal kuphela kodwa kungamanga lokho ngoba bayasabalala nakwezinye izifundazwe.