IBUYE nenduku yombangandlala i-ANC okhethweni lokuchibiyela kuwadi 2, kuMasipala uMvoti. Ukhetho lokuchibiyela obelubhekwe ngabomvu belungoLwesithathu, lapho amalungu amaqembu abetheleke ngezinkani efuna ukuthatha iwadi.
UMasipala uMvoti usezandleni ze-IFP kanti yawuthatha kwi-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya olwedlule. Ukunqoba kwe-IFP kusho ukuthi iwuvikele umbuso wayo kulo masipala ngoba isiphethe elinye iwadi kanti izibalo zayo zimi kangcono kunakuqala.
I-IFP inqobe ngo-53%, ilandelwa yi-ANC ngo-24%, kweza i-ABC ngo-19% kwagcina i-EFF ngo-3%.
I-IFP edle umhlanganiso, ithole amavoti awu-1052. USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthe bayaqaphela ukuthi umphakathi uya ngokulethemba iqembu lakhe.
Uthe bakholwa wukuthi ukunqoba kwabo kudalwa wumsizilo womsunguli weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi. Ubonge kakhulu abavoti wathi balokhu bekhombise ukulethemba iqembu.