I-IFP ixoshe iMeya uMfu Petros ngubane kuMasipala uMzinyathi okhungethwe izinkinga
Isinqumo sokuxosha uNgubane sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu, obungoMsombuluko ntambama.
Isigungu esiphezulu sithathe isinqumo sokuba siyalele uNgubane ukuba ehle esikhundleni abese ehlale kuso iminyaka eyisishiyagalombili.
UMasipala uMzinyathi ukhungethwe izinkinga okubalwa kuzo eyokushoda kwamanzi ezindaweni eziningi ezingaphansi kwalo mkhandlu nokuthola imibiko emibi kuMcwaningimabhuku.
Lo masipala usuhlale isikhathi eside ungaphansi kweso lomlawuli. Umthombo ongaphakathi kwi-IFP uthe isinqumo sokuxoshwa kukaNgubane sizomenyezelwa maduze.
"Uyalelwe ukuba asule esikhundleni. Ayikho into azoyenza uma eseyalelwe ukuba asule. Uyathanda noma akathandi, kufanele ashiye. Isiphingwe enkulu manje."
Ulanda umthombo uthe i-IFP inqume ukuxosha uNgubane ngoba yesaba ukuthi ngeke ikwazi ukunqoba lo mkhandlu okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo.
"Ziningi izinkinga ezibhekene nomkhandlu. UNgubane ufice umkhandlu ubhekene nezinkinga, zaqhubeka izinkinga noma sekuphethe yena. Empeleni selokhu angena esikhundleni kuncane kakhulu esingakubala esingathi kuhambe kahle. Ngakho-ke ayimangazanga eyokuthi akhonjwe indlela.
"Belukhona lolo valo lokuthi uma besingaya okhethweni sigadla ngaye besingase singabuyi. Uma ubheka nakhona okhethweni olwedlule vele sasinganqobanga ngamalengiso. Ingakho-ke manje kufuneka umuntu omusha, ozofike ashintshe izinto. Ukhetho oluzayo luzokuba ngolunzima kakhulu KwaZulu-Natal ngenxa ye-MK."
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, akazange awuphendule nomyalezo awuthunyelelwe.
Kanjalo nemizamo yokuthola ukuphawula kukaNgubane ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Isolezwe lithole ukuthi enye imeya ye-IFP, uMnuz Mfananaye Mathe, yona isinde kukubi.
Umthombo uthe bekunesiphakamiso sokuthi kuxoshwe uMathe, oyiMeya yaseJozini.
UMathe ubizelwe phambi kwesigungu esiphezulu ukuba azochaza ngenkinga yemali eke yabikwa kulo mkhandlu.
"Kubukeka sengathi yanelisile incazelo afike nayo emhlanganweni wesigungu esiphezulu."
I-IFP isanda kuxosha imeya kuMasipala yaseMajuba, uMntwana uNdabuko Zulu.