PHEZU kokuqengqeleza phambili kwe-MK Party ngamavoti okhethweni lwesifundazwe, iqembu Inkatha Freedom Party (IFP) yilo eseliziveze njengababeki benkosi kuhulumeni wesifundazwe.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ememezela ukuthi banesivumelwano sokusebenzisana ne-ANC, DA ne-NFP KwaZulu-Natal. Ngokusho kukaHlabisa, la maqembu aphinde asho ngazwi linye ngegama longaba undunankulu. Lowo uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
Lesi sivumelwano sishiya ngaphandle iqembu okuyilona elihamba phambili ngokwezihlalo esiShayamthetho, i-MK, okuthiwa ayizange ifike emhlanganweni eyayiwucele ne-IFP ngoMsombuluko.
Umhlangano weSishayamthetho nozobumba uhulumeni wesifundazwe uhlelelwe ukuba kusasa.
Esithangamini nabezindaba, uHlabisa uveze ukuthi KwaZulu-Natal baphothula izingxoxo zokubusa ngokubambisana ne-ANC, DA, ne-NFP. La maqembu uma ehlanganisiwe anezihlalo ezingu-41 kwezingu-80 esiShayamthetho.
UHlabisa uthe wonke amaqembu abaxoxa nawo alemukele igama likaNtuli ukuba athathe njengondunankulu.
UHlabisa uthe izingxoxo zisaqhubeka, wathi kodwa sebevumelene ukuthi ubani ozokuba uSomlomo nozokuba yiPhini likaSomlomo.
“Sisazokuba nezinye izingxoxo. Siyazi ukuthi isikhathi asisekho njengoba sibekelwe umnqamulajuqu wangoLwesihlanu.”
UHlabisa uthe bazi ukuthi i-NFP izosebenzisana nabo.
Izolo kusabalale izithombe zikamengameli we-NFP, uMnuz Ivan Barnes, enomhlangano nomholi we-MK, uJacob Zuma.
Lokhu kwenze kwaba namahlebezi okuthi i-NFP izosebenza ne-MK.
UHlabisa uthe kade benomhlangano izolo ekuseni noBarnes, wathi bazophinde babe nomunye umhlangano khona izolo ebusuku.
“Angiyiboni into embi uma uBarnes eyohlangana noZuma. Nathi njenge-IFP asinankinga nokuhlangana ne-MK yize umhlangano wethu wabhuntsha. Iqiniso ukuthi ukuze sikwazi ukuyisa izwe phambili, kufanele sixoxe.”
Uma i-NFP ingashaya ungqimphothwe ihlangane ne-MK, esebenzisana ne-EFF, kungasho ukuthi zombili izinhlangothi zizokuba nezihlalo ezilingayo.
UHlabisa uthe abakawuvalile umnyango kwi-MK athe yabalindisa umlibe.
“Ithimba lethu ebelisingethe izingxoxo lalinda amahora amabili endaweni yomhlangano. Latshelwa ukuthi abaholi be-MK kukhona lapho bebambezeleke khona. Ithimba lethu lagcina lihlakazeka, lashiya uHlengwa (uMnuz Mkhuleko), nomyalelo wokuthi akofona uma kwenzeka befika abe-MK. UHlengwa wahlala amanye amahora amabili, lutho ukufika kwabaholi be-MK. Sekuphinde kwaneminye imizamo yokuthi kube nomhlangano. Asinankinga nokuhlangana nabo.”
UHlabisa uveze ukuthi kuzwelonke bazokuba yingxenye kahulumeni wobumbano ohlongozwa yi-ANC.
UHlabisa uthe bakhethe ukuba yingxenye yohulumeni wobumbano ngenxa yokuthi alikho iqembu elinezihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela.
“Into esenza ukuthi sivume ukuba yingxenye kahulumeni wokubambisana ukuthi siyafuna ukubona izwe lakithi liya phambili. Sibakhathalele abantu bakithi, sifuna ukubona izwe liya phambili.”
UHlabisa ukuchithile ukuthi uthenjiswe ukunikwa isikhundla sePhini likaMengameli wesibili.
“UMthethosisekelo awuvumi ukuthi kube namaphini kamengameli amabili. Ngakho-ke laba abathi ngizokuba iphini likamengameli wesibili bakhuluma into engekho.”
UHlabisa uthe beyi-IFP banesipiliyoni sokuphatha ezigabeni ezahlukene zikahulumeni.
“Kuzwelonke sasiyingxenye yohulumeni wokubambisana owawuphethe emva kokhetho lwango-1994. Sake saphatha KwaZulu-Natal, siphethe komasipala.”
UHlabisa uthe ukuba yingxenye yohulumeni wokubambisana akusho ukuthi bazolahlekelwa ukuzimela.
“Sizoqhubeka nokuzimela. Manje isikhathi sokusebenzela izwe.”
UHlabisa ukhale ngabantu abangayivotelanga i-IFP athe bafuna ukubakhethela ukuthi basebenze namaphi amaqembu.
“Angeke sivume abantu abangazange bayivotele i-IFP ukuba basilawule. Awukwazi ukufike ungasivoteli bese ufuna ukusikhethela ukuthi senzeni.”