I-IFP ithi obeyimeya kaMasipala uMhlathuze ophumayo, uDkt Nkonzoyakhe Donda, ubebambile esikhundleni semeya ngoba bekusalungiswa imicilikisho ethile. I-IFP isho kanje ichaza ngokuhoshwa kwemeya ingakaqedi ngisho inyanga eyodwa ingenile ehhovisi.
Ukwesula kukaDkt Donda kumenyezelwe wokhulumela uMasipala eMhlathuze, uMnuz Mdu Ncalane, ethi imenenja kamasipala ithole incwadi evela kobeyimeya.
Okhulumela iqembu, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kuphakanyiswe igama likaMnuz Xolani Ngwezi ozovala isikhala esivuleke ngokwesula kukaDkt Donda esigungwini esiphezulu somkhandlu.
UHlengwa uthi igama likaNgwezi lalingeke likwazi ukufakwa ngoba umthetho we-IEC awuvumi ukuthi kuchitshiyelwe ngesikhathi kuhlaliswa umkhandlu.
“Lokhu kwacaciswa kahle kuyena uDkt Donda kwavunyelwana kahle njengoba wagcina ekhethwa eba yimeya. Manje uMnuz Ngwezi uzokwehla esikhundleni sakhe abesibambile emkhandlwini obhekele ukusebenza kwezifundazwe (NCOP), azoba yimeya,’’ kusho uHlengwa.
Uqhube wathi iqembu liyambonga uDkt Donda ngokubamba kahle ngesikhathi iqembu lisematasa nokuqedela imidanti nemicikilisho yokwenza ushintsho. UDkt Donda ngeke aphume emkhandlwini kodwa uzoqhubeka abe yikhansela elejwayelekile.
UHlengwa uthe uNgwezi njengoba ejutshwa nje, akalona ivukana kwezomasipala njengoba eke waba sesigungwini esilawula umkhandlu iKing Cetshwayo. UNgwezi uvele ungusihlalo we-IFP eMhlathuze. UHlengwa uthe bafisela uNgwezi okuhle kodwa emsebenzini omusha anikwe wona.
Kulindeleke ukuthi uhlale kusasa umhlangano womkhandlu oyisipesheli lapho kuzokhethwa khona imeya nokulindeleke ukuthi kube wuNgwezi ngokwezinhlelo ze-IFP.
I-IFP yenza ushintsho nje, ibisanda kulwenza ngesikhathi kuqedwa ukufungiswa imeya kuMasipala eNkandla uMnuz Thamsanqa Ntuli, kwangaphela sikhathi wabe esesula wakhuphukela kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo waba yimeya yawo.